1Umthamo owomileyo kanye nokuthula ungcono
kunendlu egcwele okuhlatshiweyo kanye nokuxabana.
2Inceku eqondileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo;
iyakudla ifa phakathi kwezelamani.
3Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva,
nesithando ngesegolide,
kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova.
4Owenza okubi uqaphela izindebe zokona,
nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.
5Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe,
nothokoza ngengozi akayikuyekwa.
6Abantwana babantwana bangumqhele wabadala,
nodumo lwabantwana lungoyise.
7Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula;
kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu.
8Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo:
noma ebhekaphi, uyaphumelela.
9Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.
10Insolo ingena koqondileyo
kunemivimbo eyikhulu koyisiwula.
11Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela;
ngalokho kuyakuthunyelwa kuye isithunywa esinonya.
12Umuntu makahlangane nebhere* elaphuciwe amawundlu alo
kunesiwula ebuwuleni baso.
13Ophindisela okuhle ngokubi,
ububi abuyikusuka endlini yakhe.
14Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi;
ngalokho yeka inkani, ingakashisi.
15Othetha omubi nolahla olungileyo
bayisinengiso kuJehova bobabili.
16Yini ukuba kube yimali esandleni
sesiwula ukuthenga ukuhlakanipha,
kungekho ukuqonda, na?
17Umngane uthanda ngezikhathi zonke,
nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.
18Umuntu oswela ingqondo unikana nomunye izandla,
abe yisibambiso phambi komakhelwane wakhe.
19Othanda ukuxabana uthanda isiphambeko;
owenza umnyango wakhe ukuba uphakame ufuna ukubhujiswa.
20Onenhliziyo ephambeneyo akafumani okuhle;
onolimi oluyisigwegwe uwela engozini.
21Ozala isiwula kulusizi kuye;
uyise wesiwula akathokozi.
22Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,
kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.
23Omubi uyamukela umvuzo okhishwa esifubeni
ukuba aphambukise izindlela zokwahlulela.
24Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo,
kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.
25Indodana eyisiwula ilusizi kuyise
nokubaba kowayizalayo.
26Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle,
nokushaya abaqotho akulungile.
27Obamba amazwi akhe unokwazi;
onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.
28Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi;
ovala umlomo wakhe ungoqondileyo.