1Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova,
kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe.
2Lapho kufika ukuziqhenya,
kufika nehlazo;
kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.
3Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola,
kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.
4Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,
kepha ukulunga kophula ekufeni.
5Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe,
kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe.
6Ukulunga kwabaqotho kuyabophula,
kepha abambuluzayo babanjwa ezifisweni zabo.
7Akwethembayo umuntu omubi kuyaphela ekufeni kwakhe,
nethemba lobubi liyabhubha.
8Olungileyo uyakhululwa osizini,
kepha omubi ungena esikhundleni sakhe.
9Ngomlomo umuntu
ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,
kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.
10Nxa abalungileyo behlezi kahle,
umuzi uyathokoza;
lapho bebhubha,
kukhona ukwenanela.
11Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa,
kepha ngomlomo wababi uyachithwa.
12Odelela umakhelwane wakhe akanakuhlakanipha,
kepha umuntu onengqondo uyazithulela.
13Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo,
kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.
14Lapho kungekho iziluleko,
abantu bayawa,
kepha lapho kukhona abeluleki abaningi,
lapho kukhona ukuphumelela.
15Uyahlupheka nokuhlupheka omela umfokazi,
kepha ozonda ukunika isibambiso ulondekile.
16Owesifazane onomusa uzuza udumo,
nezidlwangudlwangu zizuza ingcebo.
17Umuntu onesihawu wenzela okuhle umphefumulo wakhe,
kepha ononya uhlupha inyama yakhe.
18Omubi uthola inzuzo yenkohliso,
kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.
19Oqinile ekulungeni uyakuphila,
kepha olandela okubi,
kuyakuba ngukufa kwakhe.
20Abanhliziyo ephambeneyo
bayisinengiso kuJehova,
kepha abapheleleyo endleleni yabo bayintokozo kuye.
21Impela omubi akayekwa,
kepha inzalo yabalungileyo iyakhululwa.
22Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube,
unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo.
23Isifiso sabalungileyo singokuhle kuphela;
ithemba lababi lilulaka.
24Ukhona ohlakazayo;
nokho uyenezelwa kakhulu;
kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.
25Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;
ophuzisayo uyakuphuziswa naye.
26Ogodla amabele,
abantu bayamqalekisa,
kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngawo.
27Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo,
kepha ofuna okubi, kuyakumehlela.
28Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa,
kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.
29Okhathaza indlu yakhe uyakudla ifa lomoya,
nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.
30Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila,
nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo.
31Bheka, olungileyo uyavuzwa emhlabeni;
kakhulu kangakanani omubi nesoni.