Umshado wendodana yenkosi
1UJesu wathatha wakhuluma futhi kubo ngemifanekiso, wathi: 2“Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado. 3Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza.
4“Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: ‘Shonini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile ukudla kwami; izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.’
5“Kepha badelela, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe. 6Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala. 7Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo.
8“Khona yathi ezincekwini zayo: ‘Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele; 9ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibizele emshadweni bonke eningabafumana.’ 10Lezo zinceku zaphuma, zaya ezindleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni.
11“Kuthe inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado; 12yathi kuye: ‘Mngane, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na?’ Kepha wathula.
13“Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’
14“Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.”
Intela kaKesari
15Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi. 16Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu. 17Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”
18Kepha uJesu ebazi ububi babo wathi: “Bazenzisi, ningilingelani na? 19Ngitshengiseni imali yokuthela,” bamtshengisa udenariyu.* 20Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?”
21Bathi: “NgokaKesari.”
Khona wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”
22Sebezwile lokho bamangala, bamshiya, bamuka.
Ukuvuka kwabafileyo
23Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza 24bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.’ 25Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa: owokuqala waganwa, wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo. 26Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa. 27Emva kwabo bonke wafa umfazi. 28Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kwabayisikhombisa, lokhu bonke babe naye, na?”
29Kepha uJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu. 30Ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. 31Kepha maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu, ethi: 32‘Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.”
33Kwathi izixuku zikuzwa lokho, zamangala ngokufundisa kwakhe.
Umyalo wokuqala
34AbaFarisi sebezwile ukuthi uJesu ubathulisile abaSadusi, babuthana ndawonye. 35Omunye wabo, isazimthetho, wamlinga, wathi: 36“Mfundisi, ngumuphi umyalo omkhulu emthethweni na?” 37UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’ 38Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. 39Owesibili ofana nawo uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ 40Kuleyo miyalo emibili kubambelela umthetho wonke nabaprofethi.”
UMesiya nemvelo yakhe
41Besabuthene abaFarisi, uJesu wababuza, 42wathi: “Nithini ngoKristu na? Uyindodana kabani na?”
Bathi kuye: “EkaDavide.”
43Wathi kubo: “Pho, uDavide ngoMoya wambiza kanjani ngokuthi iNkosi, ethi:
44“ ‘INkosi yathi eNkosini yami:
“Hlala ngakwesokunene sami,
ngize ngibeke izitha zakho
phansi kwezinyawo zakho.” ’
45“Ngakho-ke uma uDavide embiza ngokuthi iNkosi, uyindodana yakhe kanjani na?” 46Kwakungekho obengamphendula ngazwi; emva kwalolo suku akwabe kusabakho muntu onesibindi sokumbuza lutho.