Inkulumo yokuvalelisa kukaJesu
1“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. 2Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo. 3Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani. 4Nalapho ngiya khona niyayazi indlela.”
5UTomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona; siyazi kanjani indlela na?”
6UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. 7Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.”
8UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.”
9UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na? 10Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi, na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe. 11Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani ngenxa yale misebenzi. 12Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba. 13Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. 14Uma nicela utho kimi egameni lami, ngolwenza.
15“Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami. 16Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade, 17uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini. 18Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini. 19Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni, kepha niyangibona nina, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila. 20Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini. 21Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”
22UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kwenziwa yini ukuba uyakuzibonakalisa kithina, ungazibonakalisi kulo izwe, na?”
23UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye. 24Ongangithandiyo kagcini amazwi ami, nezwi enilizwayo akusilo elami kepha ngelikaBaba ongithumileyo.
25“Ngikhulume lokho kini ngisahlezi nani. 26Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona. 27Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.
28“Nizwile ukuthi nganitshela ngathi: Ngiyamuka, kepha ngiyabuyela kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami. 29Manje senginitshelile kungakenzeki, ukuze nikholwe, nxa sekwenzekile. 30Angisayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi wezwe, kepha akanalutho kimi, 31kodwa kungukuba izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba nokuthi ngenza njengokuba uBaba engiyalile.
“Sukumani simuke lapha.