Ukubhujiswa kweJerusalema
1“Thuthani impahla eJerusalema
nina bantwana bakwaBenjamini,
nibethe amacilongo eThekhowa,
niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi,
ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho
nokuchitha okukhulu.
2Indodakazi yaseSiyoni etotosiweyo nethambileyo
ngiyakuyinquma.
3Abelusi bayakufika kuyo benemihlambi yabo,
bamise amatende abo ngakuyo nxazonke,
baluse, kube yilowo nalowo endaweni yakhe.”
4“Zingcweliseleni ukulwa nayo;
vukani, sikhuphuke emini.
Maye kithina! Ngokuba ilanga liyaphenduka,
namathunzi okuhlwa aselulekile.
5Vukani, sikhuphuke ebusuku,
sichithe izindlu zayo zamakhosi.”
6Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:
“Gawulani imithi yayo,
ninqwabele iduli ngakulo iJerusalema.
Yiwo umuzi oyakuhanjelwa,
ungukucindezela kuphela phakathi kwawo.
7Njengomthombo umpompoza amanzi awo,
kanjalo umpompoza ububi bawo;
ubudlova nokubhubhisa kuzwakele phakathi kwawo;
ukugula namanxeba kukhona phambi kwami njalo.
8Mawuxwayiswe, Jerusalema,
funa umphefumulo wami wahlukane nawe,
funa ngikwenze incithakalo,
izwe elingahlalwa.”
9Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:
“Bayakuyikhothoza nokuyikhothoza
insali yakwa-Israyeli njengomvini;
buyisela isandla sakho emaqomeni
njengobutha izithelo zomvini.”
10Ngiyakukhuluma kubani,
ngifakaze ukuba bezwe, na?
Bheka, izindlebe zabo azisokile,
abanakulalela;
bheka, izwi likaNkulunkulu seliyihlazo kubo,
abathokozi ngalo.
11Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova,
ngikhathele ukunyamezela.
“Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini,
nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye,
ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo,
ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.
12Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye,
amasimu abo nawomkabo kanyekanye,
ngokuba ngiyakwelulela isandla sami
kwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.
13“Ngokuba kusukela kwabancane babo
kuya kwabakhulu babo
bayaphanga impango bonke,
nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.
14Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami,
bathi: ‘Ngukuthula, ngukuthula,’
kepha akukho ukuthula.
15Bayakuba namahloni,
ngokuba benza izinengiso;
nokho abanamahloni nakanye,
abakhophozi;
ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo;
ngesikhathi sokubahambela kwami
bayakukhubeka,” usho uJehova.
16Usho kanje uJehova, uthi:
“Yimani ezindleleni, nibone,
nibuze imikhondo yasendulo
ukuthi iphi indlela enhle,
nihambe ngayo,
niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu;
kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’
17Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu,
ngithi: ‘Qaphelani ukukhala kwecilongo,’
kepha bathi: ‘Asiyikukuqaphela.’
18Ngalokho zwanini nina zizwe,
wazi wena bandla
ukuthi yintoni ephakathi kwabo.
19Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka,
ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu,
izithelo zemicabango yabo,
ngokuba abaqaphelanga amazwi ami,
nomthetho wami bawulahlile.
20Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba,
nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na?
Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki,
nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”
21Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:
“Bheka, ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso,
oyise namadodana bakhubeke kanyekanye kuzo,
umakhelwane abhubhe kanye nomngane wakhe.”
22Usho kanje uJehova, uthi:
“Bheka, kuvela abantu ezweni elisenyakatho;
isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.
23Babamba umnsalo nomkhonto;
banonya, abanamusa,
izwi labo liduma njengolwandle,
bakhwele amahhashi,
behleliwe njengabantu abayakulwa,
behlelelwe ukulwa nawe ndodakazi yaseSiyoni.”
24Sizwile imibiko yalokho:
izandla zethu ziyadangala;
usizi lusibambile,
imihelo njengeyobelethayo.
25Ningaphumeli endle,
ningahambi endleleni,
ngokuba isitha sinenkemba,
navalo nxazonke.
26Ndodakazi yabantu bami,
bhinca indwangu yamasaka,
uhuquzele emlotheni,
wenze isililo njengesendodana eyodwa,
ukukhala okumunyu,
ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.
27“Ngikubekile ukuba ube ngumhloli
nenqaba phakathi kwabantu bami,
wazi, uhlole indlela yabo.
28Bahlubukile bonke nokuhlubuka,
behamba behleba;
bayithusi nensimbi,
bangabachithi bonke.
29Izifutho ziyafutha,
kepha emlilweni kuphuma umthofu kuphela;
impela bancibilikisela ize nje,
ngokuba ababi abakhishwa.
30Bayakuthiwa isiliva elilahlwayo,
ngokuba uJehova ubalahlile.”