1Ulungile wena Jehova,
noma ngimelana nawe;
ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela:
iphumelelani indlela yababi,
kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?
2Ubatshalile, futhi bagxilile;
bayakhula, bathela izithelo;
useduze nomlomo wabo,
kepha ukude nezinhliziyo zabo.
3Kepha wena Jehova uyangazi,
uyangibona, uvivinya inhliziyo yami
ukuthi injani kuwe;
bakhiphe njengezimvu zokuhlatshwa,
ubalungisele usuku lokuhlatshwa.
4Koze kube nini izwe lidabuka,
nemifino yonke yasendle ibuna, na?
Ngobubi babakhileyo khona
izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi:
“Akayikubona ukugcina kwethu.”
5“Uma ugijimile nemigundatshani,
yakukhathaza,
ungancintisana kanjani namahhashi na?
Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela,
uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?
6Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo
nabo bakukhohlisile,
nabo bamemeza kakhulu emva kwakho;
ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”
Ukumenyezelwa kokubhujiswa
7“Ngiyishiyile indlu yami,
ngililahlile ifa lami,
nginikele othandiweyo womphefumulo wami
esandleni sezitha zakhe.
8Ifa lami likimi
njengengonyama ehlathini;
lingiphumisele izwi;
ngalokho ngiyalizonda.
9Ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi,
amanqe angakulo alihaqile nxazonke;
hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle,
nizilethe, zidle.
10Abelusi abaningi basichithile isivini sami,
basinyathele phansi isabelo sami,
benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.
11Basenze incithakalo;
siyincithakalo, sikhala kimi;
izwe lonke lichithiwe,
kepha akakho okubeka enhliziyweni.
12Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho,
ngokuba inkemba kaJehova iyadla,
kusukela komunye umkhawulo womhlaba
kuze kufike komunye,
nenyama enokuthula ayikho.
13Bahlwanyele ukolweni,
bavuna ameva,
bakhandlekile bengasizakalanga;
yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu
ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”
14Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi, abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo. 15Kepha kuyakuthi lapho ngibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyisele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, kube yilowo nalowo ezweni lakubo. 16Kuyakuthi uma beyakuzifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami ukuba bafunge igama lami ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ njengalokhu kade befundisa abantu bami ukufunga uBali, bakhiwe phakathi kwabantu bami. 17Kepha uma bengalaleli, ngiyakusisiphula nokusisiphula lesi sizwe, ngisichithe,” usho uJehova.