Ukusindiswa kwendodakazi yaseSiyoni ekuthunjweni
1Ngenxa yeSiyoni angiyikuthula,
nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula,
ukulunga kwalo kungakaphumi njengokukhanya
nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.
2Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho,
namakhosi onke inkazimulo yakho;
uyakubizwa ngegama elisha
eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova.
3Uyakuba ngumqhele wodumo esandleni sikaJehova,
neqhele lobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho.
4Awusayikuthiwa Oshiyiweyo,
nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo,
kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye,
nezwe lakini ngokuthi Oganileyo,
ngokuba uJehova uyathokoza ngawe,
nezwe lakini lendile.
5Ngokuba njengensizwa iganwa yintombi,
kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe;
nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe
uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.
6Ngimisile abalindi
phezu kwezingange zakho, Jerusalema;
abayikuthula nakanye imini nobusuku;
nina eningabakhumbuzi ngoJehova maningaphumuli,
7futhi ningamniki ukuphumula,
aze akhe iJerusalema,
alibeke libe yindumiso emhlabeni.
8UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunene
nangengalo yamandla akhe, wathi:
“Impela angisayikuzinika izitha zakho
amabele akho abe ngukudla kwazo;
abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo,
9kodwa abawaqoqileyo bayakuwadla,
bamdumise uJehova,
nabaliqoqileyo bayakuliphuza
emagcekeni endlu yami engcwele.”
10Phumani, niphume ngamasango,
niyilungise indlela yabantu;
hlelani, niwuhlele umendo,
niwakhiphe amatshe;
niphakamisele izizwe ibhanela.*
11Bhekani, uJehova uyezwakala
kuze kube sekugcineni komhlaba, ethi:
“Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi:
‘Bheka, insindiso yakho iyeza.
Bheka, umvuzo wakhe unawo,
nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.’ ”
12Bayakubizwa ngokuthi abantu abangcwele,
abahlengiweyo bakaJehova;
wena uyakuthiwa Ofuniweyo,
uMuzi Ongashiyiwe.