Inkazimulo ezayo yeSiyoni
1“Vuka ukhanye,
ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;
inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.
2Ngokuba bheka,
ubumnyama buyasibekela umhlaba,
nesigayegaye abantu;
kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho,
nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho.
3Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwakho,
namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho.
4“Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone;
babuthana bonke, beza kuwe;
amadodana akho ayakuvela kude,
namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo.
5Khona uyakubona, ukhazimule;
inhliziyo yakho iyakugquma, yanuleke,
ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe,
nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.
6Ubuningi bamakamela buyakukusibekela,
amakamela amasha akwaMidiyani nase-Efa;
bonke abaseSheba bayakuza,
balethe igolide nenhlaka,
bamemezele izindumiso zikaJehova.
7Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe,
nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza,
zikhuphukele e-altare lami ngokuthanda kwami,
ngiyidumise indlu yodumo lwami.
8“Ngobani laba abandiza njengefu,
nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo, na?
9Iziqhingi ziyangihlalela,
imikhumbi yaseTharishishi kuqala,
ukuletha amadodana akho evela kude,
enesiliva negolide lawo
kulo igama likaJehova uNkulunkulu wakho
nakoNgcwele ka-Israyeli,
ngokuba uyakudumisa.
10“Abezizwe bayakuzakha izingange zakho,
amakhosi abo akukhonze;
noma ngakushaya ngentukuthelo yami,
sengiyakuhawukela ngomusa wami.
11Amasango akho ayakuvuleka njalo,
awayikuvalwa imini nobusuku,
ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe,
amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.
12Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonzi uyakuphela;
yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa impela.
13“Inkazimulo yaseLebanoni iyakuza kuwe,
umsayipuresi,* nomthidari,* nomkhoba kanyekanye,
ukuyihlobisa indawo yendlu yami engcwele,
ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.
14Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile,
nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama
ngasematheni ezinyawo zakho,
bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova
neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.
15“Esikhundleni sokuba ushiywe, uzondwe,
kungabe kusabakho muntu odabulayo,
ngiyakwenza isivunulo esiphakade
nentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.
16Uyakuncela ubisi lwezizwe,
uncele namabele amakhosi;
uyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho,
noMhlengi wakho,
uMninimandla kaJakobe.
17Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide,
nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva;
esikhundleni somuthi ithusi,
nasesikhundleni samatshe insimbi,
ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho,
nokulunga kube ngababusi bakho.
18Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho,
nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho,
kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso,
namasango akho ngokuthi iNdumiso.
19Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini,
nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku;
uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe,
uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.
20Ilanga lakho alisayikushona,
nenyanga yakho ayisayikuncipha,
ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe,
nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.
21Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke,
badle ifa lezwe kuze kube phakade,
igatsha lokutshala kwami,
umsebenzi wezandla zami,
ukuba ngidunyiswe.
22Omncane uyakuba yinkulungwane,
ophansi abe yisizwe esinamandla;
mina nginguJehova,
ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”