Ubuze beGibithe
1Wo kubona abehlela eGibithe
ukuba basizwe khona,
bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni,
ngokuba ziningi,
nakubo abamahhashi,
ngokuba benamandla;
kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli,
noJehova abamfuni.
2Nokho naye uhlakaniphile,
uyakuletha okubi;
akayikubuyisa amazwi akhe,
kepha uyakuvukela indlu yababi
nosizo lwabenza okubi.
3AbaseGibithe bangabantu,
abasiye uNkulunkulu,
amahhashi abo ayinyama,
awasiwo umoya,
nalapho uJehova eyakwelula isandla sakhe
uyakukhubeka naye osizayo,
kuwe naye osizwayo,
baphele bonke kanyekanye.
4Ngokuba usho kanje kimi uJehova, uthi:
“Njengengonyama ebhongayo,
ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo,
lapho abelusi abaningi belibizelwe,
aliyikwesaba izwi labo,
lingazithobi ngomsindo wabo,
kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehla
ukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo.
5Njengezinyoni ezindizayo
kanjalo uJehova, uJehova Sebawoti,
uyakulivikela iJerusalema;
uyakulivikela, alophule,
alidlule, alikhulule.”
6Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina bantwana bakwa-Israyeli. 7Ngokuba ngalolo suku bayakulahla, kube yilowo nalowo izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide, ezizenzile izandla zenu zaba yisono senu.
8“I-Asiriya liyakuwa ngenkemba,
kungengamuntu,
nenkemba engesiyo eyomuntu iyakuliqeda;
liyakubalekela usiko lwenkemba,
kepha izinsizwa zalo ziyakuba yizinceku zempoqo.
9Idwala lakhe liyakunyamalala ngovalo,
nezikhulu zalo ziyakuphela amandla ngebhanela,”*
usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni,
nosithando sakhe siseJerusalema.