Ihlumela likaJese
1Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese,
kuphume igatsha ezimpandeni zakhe.
2UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe,
umoya wokuhlakanipha nowokuqonda,
umoya wamasu nowamandla,
umoya wokwazi nowokumesaba uJehova.
3Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova;
akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe,
anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe.
4Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga,
anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba,
awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe,
abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.
5Ukulunga kuyakuba yibhande* lezinkalo zakhe,
ukuthembeka kube yibhande lamanyonga akhe.
6Impisi iyakuhlala newundlu,
ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi,
ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye,
nomntwana omncane uyakukuqhuba.
7Inkomo nebhere* kuyakuklaba,
amazinyane akho abuthise ndawonye,
ingonyama idle utshani njengenkabi.
8Umntwana oncelayo uyakudlala ngasemgodini webululu,
olunyuliweyo elulele isandla sakhe
esiseleni sikamantshingeyana.
9Abayikwenza okubi,
bangachithi entabeni yonke yami engcwele,
ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova
njengamanzi asibekela ulwandle.
10Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela* lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo.
11Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.
12Iyakuphakamisela abezizwe ibhandela,*
ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli,
iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.
13Umhawu ka-Efrayimi uyakusuka,
nabacindezela uJuda bayakunqunywa;
u-Efrayimi akayikuba namhawu ngoJuda,
noJuda kayikucindezela u-Efrayimi.
14Kepha bayakundizela ehlombe lamaFilisti ngasentshonalanga,
baphange kanyekanye abantu basempumalanga,
belulele izandla zabo ngaku-Edomi noMowabi,
abakwa-Amoni babalalele.
15UJehova uyakuqalekisa itheku lolwandle lwaseGibithe,
anikine isandla sakhe phezu koMfula*
ngokuhwamula komoya wakhe,
awushaye ube yiminonjana eyisikhombisa,
ukuze kuhanjwe ngezicathulo.
16Kuyakuba khona umgwaqo wensali yabantu bakhe,
eyakusala e-Asiriya,
njengalokho kwakunjalo ku-Israyeli
ngosuku lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.