Inkonzo yobupristi endala nentsha
1Ngokuba lokhu umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo; 2uma kwakungenjalo, nga ingayekwanga ukunikelwa na? lokhu phela abakhonzayo sebehlanjululwe kanye babengasayikuba novalo ngezono. 3Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka; 4ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.
5Ngalokho-ke esefika ezweni uthi:
“Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga,
kodwa ungilungisele umzimba.
6Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo
ngenxa yesono awuyithokozelanga.
7Ngase ngithi: ‘Bheka, ngiyeza –
emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami –
ukuba ngiyenze, Nkulunkulu,
intando yakho.’ ”
8Eseshilo ngasenhla ukuthi: “Imihlatshelo, neminikelo, neminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga, awuyithokozelanga,” eyona ilethwa ngokomthetho, 9ubuye wathi: “Bheka, ngiyeza ukwenza intando yakho.” Ususa okokuqala, ukuze amise okwesibili. 10Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.
11Abapristi bonke kambe bemi bekhonza imihla ngemihla, benikela kaningi ngayona leyo mihlatshelo engasoze yaba namandla okususa izono; 12kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu, 13usalindele izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe. 14Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo.
15Kepha noMoya oNgcwele uyafakaza kithina, ngokuba emva kokusho kwakhe ukuthi:
16“Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo,
emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi:
Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo,
ngiyilobe engqondweni yabo,
17nezono zabo nobubi babo
angisoze ngakukhumbula futhi.”
18Kepha lapho kukhona ukuthethelelwa kwalokho, akusadingeki ukunikela ngenxa yesono.
Umyalo wokukholwa nokuthembeka
19Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu 20ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo, edabula isihenqo, okungukuthi inyama yakhe, 21sinompristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu, 22masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo; 23masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo; 24masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, 25singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.
26Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono, 27kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa nomlilo oshisayo ozakuqeda amaphikankani. 28Odelele umthetho kaMose uyakufa engahawukelwa ngezwi lawofakazi ababili noma bebathathu; 29pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na? 30Ngokuba siyamazi owathi: “Ngeyami impindiselo, yimina engiyakubuyisela,” futhi-ke: “INkosi iyakubahlulela abantu bayo.” 31Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.
32Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko, 33kokunye ngokuba ngumbukwane ngezinhlamba nangezimbandezeko, kokunye ngokuba ngabahlanganyeli nababephathwa kanjalo. 34Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.
35Ngakho-ke maningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu. 36Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso. 37Ngokuba kuse yisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala; 38kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye. 39Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.