UKristu mkhulu kunezingelosi zonke
1UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi, 2ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe. 3Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu, 4seyaba nkulu kunezingelosi, njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo.
UKristu uyiNdodana kaNkulunkulu
5Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:
“UyiNdodana yami wena,
namuhla ngikuzele,” na?
nokuthi:
“Ngiyakuba nguYise kuyona,
yona ibe yiNdodana kimina,” na?
6Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi:
“Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”
7Ngezingelosi uthi:
“Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya,
izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”
8Kepha ngeNdodana uthi:
“Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu,
singesaphakade naphakade;
intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.
9Uthandile ukulunga,
wazonda ububi;
ngalokho-ke uNkulunkulu,
uNkulunkulu wakho,
ukugcobile ngamafutha enjabulo
ngaphezu kwabafowenu,”
10nokuthi:
“Wena Nkosi,
ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba;
amazulu angumsebenzi wezandla zakho.
11Wona ayakubhubha,
kepha wena umi njalo;
wona onke ayakuguga njengengubo.
12Njengesambatho uyakuwagoqonga,
njengengubo ayakuguquka.
Kepha wena unguye njalo,
iminyaka yakho ayiyukuphela.”
13Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:
“Hlala ngakwesokunene sami,
ngize ngenze izitha zakho
zibe yisenabelo sezinyawo zakho,” na?
14Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?