Ukwahlulelwa kwezizwe
1Ngiyakuma endaweni yami yokulinda,
ngigcule enqabeni,
ngikhangele ukubona ukuthi uyakukhulumani kimi
nokuthi ngiyakuphendulani ngokusola kwami.
2UJehova wangiphendula wathi:
“Wulobe umbono,
uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula.
3Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo;
uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa;
noma ulibala, wulindele,
ngokuba uyakufika nokufika,
awuyikwephuza.
4“Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile,
awuqotho phakathi kwakhe,
kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.
5Yebo, iwayini liyakhohlisa,
lingumuntu okhukhumeleyo ongayikuma,
owandisa ukufisa kwakhe njengendawo yabafileyo;
unjengokufa: akasuthi;
uyazibuthela zonke izizwe,
uziqoqela bonke abantu.
6“Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye, bathi:
“ ‘Wo kuyena owandisa okungesikho okwakhe
koze kube nini na? –
nozisindisa ngezibambiso!’
7Abayikuvuka ngokuzumayo abakulumayo,
bavuke abakuthuthumelisayo,
ube yimpango yabo, na?
8Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi,
bonke abanye abantu bayakuphanga wena,
ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni,
nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.
9“Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embi
ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!
10Ucebele indlu yakho okubi ngokuchitha abantu abaningi,
wona kuwo umphefumulo wakho.
11Ngokuba amatshe ayakukhala esodongeni,
nomshayo uyakuwaphendula usemithini.
12“Wo kowakha umuzi ngezingazi,
aqinise idolobha ngobubi!
13Bheka, akuveli kuJehova Sebawoti
ukuthi abantu bakhandlekela umlilo,
izizwe zizikhathaze ngokuyize, na?
14Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova,
njengamanzi asibekela ulwandle.
15“Wo komphuzisa umngane wakhe,
axube nokufutheka, amdakise,
ukuze abuke ubunqunu bakhe!
16Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo,
uphuze nawe, wambule ijwabu,
indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe,
kube yihlazo phezu kodumo lwakho.
17Ngokuba indluzula eyenziwe eLebanoni iyakukusibekela,
ukuchithwa kwezilwane kukwesabise,
ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni,
nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.
18“Sisizani isithombe esibaziweyo,
lokhu umbumbi waso esibaza,
nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga,
lokhu umbumbi waso ethemba kuso,
ukuze enze izithombe eziyizimungulu, na?
19Wo koshoyo kumuthi ukuthi: ‘Vuka!’
nakulo itshe eliyisimungulu: ‘Phaphama!’
Lokhu kungafundisa na?
Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva,
kungekho neze umoya phakathi kwakho.
20Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele;
thula phambi kwakhe,
mhlaba wonke.”