Isiyalezo sokuphatha kahle inkululeko engobuKristu
1UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila. 2Bhekani, mina Pawulu ngithi kini, uma nisoka, uKristu kayikunisiza ngalutho. 3Ngiyaphinda ngiqinisa kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokugcina umthetho wonke. 4Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni. 5Ngokuba thina ngaye uMoya sihlalela ithemba lokulungisiswa ngokukholwa. 6Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.
7Benigijima kahle; pho, nithiywe ngubani ukuba ningalaleli iqiniso na? 8Lokho kuyenga akuveli konibizayo. 9Imvubelo eyingcosana ibilisa inhlama yonke. 10Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyikuba nawo omunye umqondo; kepha onikhathazayo uyakuthwala ukwahlulelwa kwakhe, noma engubani. 11Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisazingelelwani na? Ngabe siphelile isikhubekiso sesiphambano. 12Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo.
Imisebenzi yenyama nezithelo zikaMoya
13Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando. 14Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.” 15Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani.
16Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama. 17Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo. 18Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.
19Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala, 20nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, 21nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
22Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, 23nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo. 24Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko. 25Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya. 26Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.