Ivangeli elishunyayelwa nguPawulu lamukelwa ngabaphostoli baseJerusalema
1Kwathi emva kweminyaka eyishumi nane ngabuye ngenyukela eJerusalema kanye noBarnaba, ngithatha noThithu futhi. 2Kepha ngenyukela ngambulelwe; ngabalandisa ivangeli engilishumayela phakathi kwabezizwe, kepha phambi kwabadumileyo bebodwa, funa mhlawumbe kungaba ngukuthi ngigijimela ize, noma sengagijimela ize. 3Kepha ngisho noThithu owayenami engumGreki kaphoqwanga ukuba asoke. 4Kepha kwaba ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa ngasese, abangena ngokunyenya, bezakuhlola ukukhululeka kwethu esinakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqila, 5esingabahlehlelanga nasikhashana ngokubathobela, ukuze iqiniso levangeli lime njalo kinina.
6Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto – nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu – ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho. 7Kepha kunalokho, lapho bebona ukuthi ngithenjiwe ngevangeli kwabangasokiyo njengoPetru kwabasokayo, 8ngokuba yena owanika uPetru amandla ukuba abe ngumphostoli wabasokayo wanginika nami amandla ukuba ngibe ngumphostoli wabezizwe, 9bathi ukubona umusa engiwuphiweyo, oJakobe noKhefase noJohane, ababaziswa ngokuthi bayizinsika, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo, 10kuphela ukuba sikhumbule abampofu, eyonanto nami ebengikhuthalele ukuyenza.
UPawulu walwela ivangeli emelene noPetru e-Antiyokiya
11Kepha ekufikeni kukaKhefase e-Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso, ngokuba wayenecala. 12Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe; kepha kuthe ukuba kufike bona, wamonyuka, wazahlukanisa nabo, esaba abokusoka. 13Nabanye abaJuda futhi bazenzisa kanye naye, waze wathatheka noBarnaba ngokuzenzisa kwabo.
14Kepha kuthe sengibonile ukuthi kabahambisi ngokweqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ongumJuda uhamba ngokwabezizwe, ungahambi ngokwabaJuda, ubaphoqa kanjani abezizwe ukuba bahambe ngokwabaJuda na?
15“Thina singabaJuda ngemvelo, singesizo izoni zabezizwe; 16kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu, nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama.
17“Kepha uma thina, lapho sifuna ukulungisiswa ngoKristu, nathi uqobo safunyanwa siyizoni, kanti uKristu uyisikhonzi sesono na? Qha nakanye. 18Ngokuba uma ngibuye ngakhe engikudilizileyo, ngifakaza ukuthi ngingoweqa umthetho. 19Ngokuba ngomthetho mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphilele uNkulunkulu. Ngibethelwe kanye noKristu; 20akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami. 21Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.”