UHezekeli 2
Ukubizwa kukaHezekeli
1Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ngiyakukhuluma nawe.” 2Kwangena kimi uMoya esakhuluma kimi, wangimisa ngezinyawo zami, ngamuzwa owakhuluma kimi.
3Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kube namuhla. 4Bangabantwana abanobuso obulukhuni nenhliziyo enqala; ngiyakuthuma kubo; uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:’ 5Bona-ke, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayakwazi nokho ukuthi kade ekhona umprofethi phakathi kwabo. 6Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo. 7Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bangabahlubuki. 8Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikukhulumayo kuwe, ungabi ngumhlubuki njengale ndlu ehlubukayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”
9Ngase ngibheka, naso isandla saselulelwe kimi, naphakathi kwaso, bheka, ngumqulu wencwadi. 10Waweneka phambi kwami; wawulotshiwe ngaphakathi nangaphandle, kubhaliwe kuwo izililo nezililiselo, nokuthi: “Maye!”
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.