Kwabase-Efesu 2
Abezizwe bahlanganyela nabaJuda insindiso yomusa
1Uniphilisile nani enanifile ngeziphambeko nangezono zenu, 2enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli, 3esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye. 4Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, 5sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe – 6wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu, 7kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu. 8Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; 9akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo. 10Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.
11Ngakho khumbulani ukuthi nina enanikade ningabezizwe ngokwenyama, ababizwa ngokuthi abangasoki yilabo ababizwa ngokuthi abokusoka, okwenziwa ngezandla enyameni, 12ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKristu, naningaphandle kombuso ka-Israyeli, naningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni. 13Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu.
14Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba kunye, nowabhidliza udonga olwahlukanisayo olungubutha, 15ngenyama yakhe ewenzile ize umthetho wemiyalo esezimisweni ukuba adale kuyena labo ababili babe muntu munye omusha, enze ukuthula, 16enze futhi ukuba bobabili babuyisane noNkulunkulu emzimbeni munye ngesiphambano, esebulele ubutha ngakho. 17Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze. 18Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuYise.
19Ngakho aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa senimbuso munye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, 20nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi, 21okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini, 22okukuyo nani, nakhiwe kanye nabanye, ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.