UPawulu ululeka ibandla ukuba lingamukeleli ize umusa kaNkulunkulu
1Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu – 2ngokuba uthi:
“Ngesikhathi esihle ngikuzwile,
nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;”
bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso; – 3asibekeli muntu nasinye isikhubekiso nangokukodwa, funa inkonzo yethu isolwe, 4kepha kukho konke sizibonakalisa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, nasosizini, nasekusweleni, nasekubandezekeni, 5nasekushayweni, nasekuboshweni, naseziyaluyalwini, nasekukhandlekeni, nasekuqwasheni, nasekuzileni ukudla, 6nangenhlanzeko, nangokwazi, nangokubekezela, nangobumnene, nangoMoya oNgcwele, nangothando olungazenzisi, 7nangezwi leqiniso, nangamandla kaNkulunkulu, nangezikhali zokulunga zesokunene nezesokhohlo, 8ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso, 9njengabangaziwayo kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti bheka, siyaphila, njengabalaywayo kanti asibulawa, 10njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
UPawulu uxwayisa abakholwayo ukuba bangadlelani nabangakholwayo
11Umlomo wethu uvulekele ngakini nina baseKorinte, inhliziyo yethu yanulekile; 12aninyinyekile kithi, kodwa ninyinyekile ezinhliziyweni zenu; 13kepha ukuze kube khona ukwenanana, ngikhuluma njengakubantwana, yanulekani nani.
14Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? 15Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na? 16Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi:
“Ngiyakuhlala phakathi kwabo,
ngihambe phakathi kwabo;
ngiyakuba nguNkulunkulu wabo,
bona babe ngabantu bami.”
17“Ngakho-ke
phumani phakathi kwabo,
nahlukane nabo, isho iNkosi;
ningathinti okungcolileyo;
khona ngiyakunamukela,
18ngibe nguYihlo kini,
nina nibe ngamadodana
namadodakazi kimi,
isho iNkosi uSomandla.”