2 kwabaseKorinte 10
UPawulu uyazivikela kwabamhlebayo
1Kepha mina Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangokuva kukaKristu, mina engithobile phambi kwenu nxa ngikhona, kepha nginesibindi kini nxa ngingekho, 2ngiyacela ukuba, nxa ngikhona, kungasweleki ukuba ngibasukele ngesibindi engiqonde ukuba naso kwabanye abasho ngathi ukuthi sihamba ngokwenyama. 3Ngokuba noma sihamba sisenyameni kasilwi ngokwenyama, 4ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo, 5nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu, namacebo onke siwathumbela ukumlalela uKristu; 6futhi silungele ukujezisa ukungalaleli konke, nxa sekuphelele ukulalela kwenu.
7Bhekani lokhu okuphambi kobuso. Uma umuntu ezethemba yena ukuthi ungokaKristu, makabuye aqonde lokhu ngokwakhe ukuthi, njengokuba yena engokaKristu, sinjalo nathi. 8Ngokuba noma ngingaze ngizibonge ngaphezulwana ngamandla ethu eyasipha wona iNkosi ukuba nakhiwe kungengukuba nibhidlizwe, angiyikujabhiswa, 9ukuze ngingabi njengokungathi benginethusa nje ngezincwadi. 10Ngokuba izincwadi-ke bathi zinzima, zibukhali, kepha nxa ekhona ngomzimba, ubuthakathaka, ukukhuluma kwakhe kudelelekile. 11Onjalo makaqonde lokhu ukuthi lokhu esiyikho ngamazwi ezincwadi nxa singekho, siyakuba yikho ngesenzo nxa sikhona.
12Ngokuba asinasibindi sokuzilinganisa nokuzifanisa nabathile babo abazincomayo. Kodwa bona, nxa bezilinganisa ngezingqobo zabo, bezifanisa nezingqobo zabo, kaba namqondo. 13Kepha thina asiyikuzibonga ngaphezu kokulinganisa, kodwa ngesilinganiso sendawo esiyisilinganiso asilinganisele sona uNkulunkulu, ukuze sifinyelele nakini. 14Ngokuba asizeluli ngokweqisa ngokungathi asifinyeleli kini, ngokuba sifikile kwaze kwaba nakini ngevangeli likaKristu, 15singazibongi ngemisebenzi yabanye ngaphezu kokulinganisa, kepha sinethemba lokuthi ngokukhula kokukholwa kwenu, siyakukhuliswa kakhulu impela kini endaweni yethu, 16size sishumayele ivangeli nasezindaweni ezingaphambi kwakini, singazibongi ngezinto esezenziwe endaweni yomunye. 17Kepha ozibongayo makazibonge eNkosini. 18Ngokuba akusiye ozincomayo ovunywa abongwe, kepha yilowo iNkosi emncomayo.
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.