Isiprofetho sika-Azariya. Umkhosi wokubonga kuka-Asa
1UMoya kaNkulunkulu waba phezu kuka-Azariya indodana ka-Odedi; 2waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani. 3Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo, namfundisi ofundisayo, namthetho; 4kepha ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bamfuna; wafunyanwa yibo. 5Ngaleso sikhathi kwakungekho kuthula kophumayo nakongenayo, ngokuba ukuphaphatheka okukhulu kwakukhona phezu kwabo bonke abakhe ezweni. 6Isizwe saphahlazwa yisizwe nomuzi ngumuzi, ngokuba uNkulunkulu wabesabisa ngezinkathazo zonke. 7Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo wawo.”
8Lapho u-Asa esezwa lawo mazwi nesiprofetho sika-Azariya ka-Odedi umprofethi, waziqinisa isibindi, wasusa izinengiso ezweni lonke lakwaJuda noBenjamini, nasemizini ayeyithathile ezintabeni zakwa-Efrayimi, walivusa i-altare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova.
9Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabagogobele kubo bevela kwa-Efrayimi, nakwaManase, nakwaSimeyoni, ngokuba abaningi bahlubukela kuye bevela kwa-Israyeli, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe unaye.
10Babuthana eJerusalema ngenyanga yesithathu ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kuka-Asa. 11Bahlabela uJehova ngalolo suku empangweni ababeyilethile, izinkabi ezingamakhulu ayisikhombisa nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa. 12Bangena esivumelwaneni sokumfuna uJehova uNkulunkulu wawoyise ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo, 13nesokuba bonke ababengamfuni uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli babulawe, noma bebancane noma bebakhulu, owesilisa noma owesifazane. 14Bafunga kuJehova ngezwi elikhulu, nangokukhamuluka, nangamacilongo, nangemitshingo. 15Wonke uJuda wathokoza ngesifungo, ngokuba babefungile ngayo yonke inhliziyo yabo, bamfuna ngakho konke ukufisa kwabo; wafunyanwa yibo; uJehova wabaphumuza nxazonke.
16Wamsusa uMahakha unina ka-Asa inkosi ebukhosikazini, ngokuba wayemenzele u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wagawula isithombe sakhe, wasicolisisa, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni. 17Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga kwa-Israyeli; nokho inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zakhe. 18Wangenisa endlini kaNkulunkulu izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.
19Akwabe kusaba khona ukulwa kwaze kwaba semnyakeni wamashumi amathathu nanhlanu wokubusa kuka-Asa.