1 kwabaseThesalonika 1
Isibingelelo
1OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu uBaba, naseNkosini uJesu Kristu: Makube kini umusa nokuthula.
UPawulu ubonga ukuqala kwabo okuhle ekukholweni; wethemba ukukhethwa kwabo ngevangeli eliqinisileyo abalamukele
2Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, siniphatha emikhulekweni yethu, 3sikhumbula ngokungayeki isenzo senu sokukholwa, nomsebenzi wothando, nokukhuthazela kwethemba lenu eliseNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu, 4sikwazi, bazalwane abathandiwe nguNkulunkulu, ukukhethwa kwenu 5ukuthi ivangeli lethu alizanga kini ngezwi kuphela kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu ngenxa yenu. 6Nani naba ngabalingisi bethu, nabeNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele, 7naze naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo eMakedoniya nase-Akhaya. 8Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina, lwafika, angisho eMakedoniya nase-Akhaya kuphela, kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho. 9Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, nishiya izithombe, ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso, 10nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.