1 kaPetru 5
Ngokuziphatha kwamalunga nokwabasha
1Ngakho ngiyawancenga amalunga aphakathi kwenu mina engiyilunga kanye nawo, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli wenkazimulo ezakwambulwa, ngithi: 2Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo, 3kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe yizibonelo zomhlambi; 4kuyakuthi, nxa esebonakaliswa uMalusi omkhulu, niyakuzuza umqhele wenkazimulo ongabuniyo. 5Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
6Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo, 7niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.
8Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya; 9melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni.
Isigcino
10Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele. 11Makube kuye amandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
12NgoSilvanu umfowethu othembekayo ngokubona kwami nginilobele ngokufushane, ngincenga, ngifakaza ukuthi lo yiwo umusa oqinisekileyo kaNkulunkulu; yimani kuwo.
13Liyakhonza kini ibandla elikhethiweyo, kanye nani eliseBabiloni, noMarku indodana yami. 14Bingelelanani ngokwanga kothando.
Ukuthula makube kini nonke enikuKristu.
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.