Ukubusa kuka-Abiyamu no-Asa kwaJuda
1Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJerobowamu indodana kaNebati u-Abiyamu waba yinkosi kwaJuda. 2Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha, indodakazi ka-Abisalomu.
3Wahamba ezonweni zonke zikayise ayezenzile ngaphambi kwakhe; inhliziyo yakhe yayingekho kuNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise. 4Nokho ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe emva kwakhe nokumisa iJerusalema, 5ngokuba uDavide wenza okulungile emehlweni kaJehova, kaphambukanga ngalutho amyala ngalo zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kuphela endabeni ka-Uriya umHeti.
6Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
7Ezinye izindaba zika-Abiyamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiyamu noJerobowamu. 8U-Abiyamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
9Ngomnyaka wamashumi amabili kaJerobowamu, inkosi yakwa-Israyeli, u-Asa waqala ukubusa phezu kukaJuda. 10Wabusa iminyaka engamashumi amane nanye eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha indodakazi ka-Abisalomu.
11U-Asa wenza okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise. 12Waxosha izifebe zethempeli ezweni, wasusa nezithombe ayezenzile uyise. 13Wamsusa uMahakha unina ebukhosikazini, ngokuba wayenzela u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wanquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni. 14Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga; nokho inhliziyo ka-Asa yayikuJehova ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe. 15Wangenisa endlini kaJehova izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.
16Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo. 17UBahasha inkosi yakwa-Israyeli wenyuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda.
18U-Asa wayesethatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, wakunikela ezandleni zezinceku zakhe; inkosi u-Asa yazithuma kuBeni Hadadi indodana kaTabirimoni kaHeziyoni, inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, yathi: 19“Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isipho sesiliva negolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.”
20UBeni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli, wanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Beti Mahakha, nalo lonke iKineroti, kanye nalo lonke izwe lakwaNafetali. 21Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho, wayeka ukwakha iRama, wahlala eTirisa. 22Inkosi u-Asa yayisibiza wonke uJuda, akwababikho owayenokuzilandulela, basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayakhe ngakho; inkosi u-Asa yakha ngakho iGeba lakwaBenjamini neMispa.
23Zonke ezinye izindaba zika-Asa, nawo onke amandla akhe, nakho konke akwenzayo, nemizi ayakhayo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ngesikhathi sobudala bakhe wayenesifo ezinyaweni zakhe. 24Wayeselala u-Asa koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide uyise; uJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
ONadabi noBahasha babusa kwa-Israyeli
25UNadabi indodana kaJerobowamu waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli ngomnyaka wesibili ka-Asa inkosi yakwaJuda, wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka emibili. 26Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.
27UBahasha indodana ka-Ahiya wendlu ka-Isakare wamenzela ugobe; uBahasha wamnqoba eGibethoni elingelamaFilisti, ngokuba uNadabi naye wonke u-Israyeli babelivimbezela iGibethoni. 28Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.
29Kwathi eseyinkosi, wabulala yonke indlu kaJerobowamu, kashiyelanga uJerobowamu noyedwa ophefumulayo, waze wamqothula njengezwi uJehova alikhulumile ngesandla senceku yakhe u-Ahiya waseShilo, 30ngenxa yezono zikaJerobowamu ona ngazo, futhi onisa ngazo u-Israyeli, ngokucunula kwakhe acunula ngakho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
31Ezinye izindaba zikaNadabi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 32Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo.
33Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha indodana ka-Ahiya waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli wonke eTirisa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nane. 34Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.