Indlela yokulandela abafundisi
1Nami-ke, bazalwane, bengingenakukhuluma kini njengakwabomoya kepha njengakwabenyama, njengakwabayizingane kuKristu. 2Nganiphuzisa ubisi, anganipha ukudla okuqinileyo, ngokuba beningakaqini. Yebo, nakalokhu anikaqini, 3ngokuba niseyibo abenyama. Ngokuba uma kusekhona phakathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na? 4Ngokuba nxa omunye ethi: “Mina ngingokaPawulu,” omunye: “Mina ngingoka-Apholo,” anisibo abenyama na?
5Pho, uyini u-Apholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kwaba yilowo nalowo njengokupha kweNkosi. 6Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. 7Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo. 8Otshalayo noniselayo bakunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe. 9Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.
Ukwakha phezu kwesisekelo esiyiso
10Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. 11Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu. 12Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga, 13umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho. 14Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo; 15uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.
16Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na? 17Uma umuntu echitha ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha yena, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele; niyilo-ke nina.
18Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe. 19Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo,” 20nokuthi: “INkosi iyazazi izizindlo zabahlakaniphileyo ukuthi ziyize.” 21Ngakho-ke akungabikho ozibongayo ngabantu, ngokuba konke kungokwenu, 22noma uPawulu, noma u-Apholo, noma uKhefase, noma izwe, noma ukuphila, noma ukufa, noma okukhona, noma okuzakuba khona; konke kungokwenu; 23nina-ke ningabakaKristu, uKristu ungokaNkulunkulu.