1ZIHLANGANISENI, ni hlanganiswe, sizwe esi nge nanhloni;
2Si nga ka zali isiyalelo, usuku lu nga ka dhluli njengamakoba, lu nga ka fiki pezu kwenu ulaka oluvutayo luka Jehova, lu nga ka fiki pezu kwenu usuku lolaka luka Jehova.
3Funani uJehova nonke nina batobekileyo bezwe, eni sebenzile ukwahlula kwake, funani ukulunga, funani ukutobeka: mhlaumbe ni zo zisiteza ngosuku lolaka luka Jehova.
4Ngokuba iGaza li ya kuba inxiwa, neAshkeloni incitakalo: ba ya kuxotya iAshdodi emini enkulu, neEkroni lo sityulwa.
5Au kubo abahlezi ngasecaleni lolwandhle, isizwe samaKirethi! izwi lika Jehova li pezu kwenu; Kanani izwe lamaFilisti, ngo ti ngi ku bubise ku nga be ku sa bako ohleziyo.
6Ko ti icala lolwandhle li be amadhlelo a nemigodi yamanzi yabalusi, nezibaya zezimvu.
7Ku ya kuti, icala li be kuyo insalo yendhlu ka Juda; ba ya kudhla kuwo amadhlelo; ba zo lala kusihlwa ezindhlini za seAshkeloni; ngokuba uJehova uTixo wabo wo ba beka, a buyisele abatunjiweyo babo.
8Ngi zwile ukujezisa kuka Moabi nokufenyisa kwamadodana a seAmoni a ba jezisa ngazo abantu bami, be zikulisa ngasemkaulweni wabo.
9Ngako, ukupila kwami! u tyo uJehova wamabandhla, uTixo wabaIsraeli, uMoabi wo ba njengeSodoma isibili, namadodana a seAmoni njengeGomora, indawo yokubanjwa ameva, nomgodi wosauti, nencitakalo ku ze ku be pakade; insalo yabantu bami yo ba panga, nabaseleyo besizwe sami bo ba nabo.
10Loku ko ba kubo esikundhleni sokuzidhla kwabo, ngokuba ba jezisile ba zikulisile nga pezu kwabantu baka Jehova wamabandhla.
11uJehova u ya kwesabeka kubo; ngokuba wo zacisa zonke izitixo zomhlaba; ba ya kuti ba kotame kuye ilomuntu endaweni yake, zonke iziqingi zezizwe.
12Nani baKushi ni ya kuhlatywa ngenkemba yami.
13Futi wo selula isandhla sake pezu kwenyakato a bubise uAshuri, a beke uNineva u be incitakalo, nokoma njengehlane.
14Ko ti imihlambi i lale pansi pakati kwawo, zonke izilwane zesizwe; nayo unozalizingwenya, nayo ingungumbane yo lala emiqeleni yezinsika zawo; izwi lazo lo gwaba ezintubeni; ukucitakala ko ba emgulugulwini: ngokuba wo zibukula amaplankwe esedare.
15Lo u ngumuzi owetabayo, o be u hlezi ngokwetemba, o be u ti enhliziyweni yawo, ngi kona, amuko ngapandhle kwami: yeka, u incitakalo, indawo yokulala kwezilwane! bonke a ba dhlulayo pezu kwawo ba zo kwisa, ba qwebe ngesandhla sabo.