1IZWI lika Jehova e li be kuZefania indodana ka Kushi, indodana ka Gedalia, indodana ka Amaria, indodana ka Hizikia, ezinsukwini zika Josia indodana ka Amoni, inkosi yabaJuda.
2Ngo qeda nya konke ebusweni bomhlabati u tyo uJehova.
3Ngo qeda umuntu nesilwane; ngo qeda inyoni yezulu nezinhlanzi zolwandhle, nezikubekiso kanye nababi; futi ngo nquma umuntu ebusweni bomhlabati, u tyo uJehova.
4Ngo ti ngelule isandhla sami pezu kweJuda, na pezu kwabahlezi eJerusalema bonke; ngi nqume ku lendawo insalo ka Bali, negama lamaKimari kanye nabateteleli;
5Naba kuleka ibandhla lezulu be pezu kwezindhlu; naba kuleka naba funga kuJehova naba funga ngoMalkami;
6Naba buyela emuva kuJehova; nabo a ba nga funanga uJehova, be nga m buzisisanga.
7Tula ebusweni beNkosi uJehova: ngokuba usuku luka Jehova lu seduze: ngokuba uJehova u lungisele ukuhlaba, wahlukanisele abamenyiweyo bake.
8Ku ya kuti ngosuku lokuhlaba luka Jehova, ukuba ngi hlupe izikulu, namadodana enkosi, nabo bonke abambete isambato selinye izwe.
9Nga lolosuku ngo hlupa bonke abeqa pezu komgulugulu, a ba gcwalisa indhlu yomninibo ngohlupo nenkohliso.
10Ku ya kuti ngalolosuku, u tyo uJehova, ku be kona, izwi lokukala li vele esangweni lezinhlanzi, nokulila ku vele kwe lesibili, nokufehleza okukulu emimangweni.
11Lilani nina abahlezi eMaketeshi, ngokuba abatengi bonke ba bujiswa, bonke aba twesiwe isiliva ba nqunyiwe.
12Ku ya kuti ngalesosikati ngo hlolisa iJerusalema, ngezibani, ngi hlupe abantu a ba hlezi pezu kwezinhlesi zabo: a ba ti enhliziyweni yabo, uJehova a ka yi kwenza okulungileyo, a ka yi kwenza nokubi.
13Ngako imfuyo yabo i ya kuba impango, nezindhlu zabo incitakalo: ko ti bake izindhlu be nga hlali kuzo; futi ba ya kutyala izinwazi be nga puzi iwaini lazo.
14Usuku olukulu luka Jehova lu seduze, lu seduze lu tyetya kakulu, ukuti, izwi losuku luka Jehova, iqawe li zo kala kona ngokubaba.
15Usuku lolu usuku lolaka; usuku lwenkatazo nenhlupeko, usuku lokucitakala nokuciteka, usuku lobumnyama nokuguqubala, usuku lwamafu nokuhlwa.
16Usuku lwetilongo nokuvusa nga semizini ebiyiweyo, na ngaseziqongweni ezi nokudepa.
17Ko ti ngi cindezele abantu, ba hambe njengabapuputekayo, ngokuba bonile nga kuye uJehova; futi igazi labo li ya kutelwa njengotuli, nenyama yabo njengamasimba.
18Futi isiliva labo negolide labo a li yi ku ba namandhla uku ba sindisa ngosuku lwentukutelo ka Jehova; kepa izwe lonke li ya kudhliwa ngomlilo womona wake; ngokuba u ya ku kwenza impela ukucita okuzumayo kwabo bonke aba hlezi ezweni.