1INSHUMAYELO yezwi lika Jehova ezweni la seHadraki, li ti iDamasiku li indawo yokuhlala kwalo, ngokuba iso lomuntu, nelemindeni yonke yakwa Israeli li kuye uJehova.
2NoHamati u ya kukaula kulo; iTire, neZidoni ngokuba li hlakanipile kakulu.
3Kwa ti iTire la zakela inqaba, la qonga isiliva njengomhlabati, negolide elimbiweyo njengodaka lwezindhlela.
4Bheka iNkosi yo li xotya, i ya kutyaya amandhla alo elwandhle; lona li zo dhliwa umlilo.
5iAskeloni, li zo bona lesabe; neGeza li tutumele, neEkroni; ngokuba itemba lalo li zo jaba; Inkosi yo buba kulo iGaza, iAskeloni a li yi ku ba nabahleziyo.
6Ko ti umfokozana wo hlala eAshdodi ngo nquma nokupakama kwabaFilisti.
7Ngo susa nezingazi zalo emlonyeni walo, nokunengeka kwalo pakati kwamazinyo alo; kepa yena o seleyo wo ba kuTixo wetu yena, yena wo ba njengombusi eJuda, neEkroni njengomJebusi.
8Ngi ya kuti ngi mi ngasendhlini yami ngenxa yempi na ngodhlulayo, na ngobuyayo: umhlupi a ka sa yi ku dhlulela kubo; ngokuba kaloku ngi bonile ngamehlo ami.
9Jabula kakulu Ndodakazi ya seZioni; memeza Ndodakazi ya seJerusalema; bheka, iNkosi yako i yeza kuwe; i lungile, i ya kusindiswa yona; i zitobile, i kwele embongolweni, na setoleni lembongolokazi.
10Ngi ya kuti ngi nqume incwele e vele eEfraimi nehashi eli vele eJerusalema, nomcibityelo wokulwa wo nqunywa: Yona yo kuluma ukutula kuzo izizwe; nokubusa kwayo ku ya kuqala elwandhle ku fike elwandhle, no ku suke emfuleni ku finyelele emikaulweni yomhlaba.
11Kepa wena, ngegazi lovumelwano lwako ngi tumile abatunjwa bako ba pume emgodini o nge namanzi.
12Pendukelani ezinqabeni nina abatunjiweyo aba netemba; namhla ngi tyo, ukuti ngo buyisela kuwe ngokwesibili,
13Uma ngo ba ngi tobisile kimi uJuda, noma ngi ngcwalisile umcibityelo ngoEfraimi, noma ngi pakamisile amadodana ako Zioni pezu kwamadodana ako Javani, noma ngi kwenzile njegenkemba yesiqwaga.
14Ko ti uJehova wo bonwa pezu kwabo, u ti umsebe wake u pumele njengonyazi; iNkosi uJehova wo kalisa itilongo yena, a hambe njengesivunguvungu sa seningizimu.
15uJehova wamabandhla wo ba vikela; bona ba ya kudhla ba nyatele pansi amatye elengisi, ba xokozele ku nga ti li kona iwaini; ba gcwalise nemikele nemigumbi yelati.
16Ko ti uJehova uTixo wabo wo ba sindisa ngalolusuku njengezimvu zabantu bake; ngokuba bo ba njengamatye omqele, be zipakamisa ezweni lake.
17Ngokuba ku ngakanani ukulunga kwake, u ngakanani nobuhle bake! ukudhla ko kulisa izinsizwa, newaini elitya izintombi.