1NGA se ngi penduka nga pakamisa amehlo ami, nga bona bhekake, izincwele ezine za puma zi vele emkatini wezintaba ezimbili; za ti izintaba za ba itusi.
2Encweleni yokuqala amahashi abomvu, na sencweleni yesibili amahashi amnyama.
3Na sencweleni yesitatu amahashi amhlope; na sencweleni yesine amahashi anala a nejubane.
4Lapo nga pendula, nga ti kuyo ingelosi e bi kuluma nami, la a ini na, nkosi yami?
5Ingelosi ya pendulake, ya ti kimi, Wona a imimoya emine yezulu e puma i vela ekumeni pambi kweNkosi yomhlaba wonke.
6Amahashi amnyama a pakati kwawo, a ya pumela ezweni la senyakato, a ti amhlope a ya pumela emva kwawo, a ti anala a ya pumela ezweni la seningizimu.
7A nejubane a pumela a funa ukuya a zihambele emhlabeni; Yona ya ti kuwo, Hambani ni zihambele emhlabeni A ti a zihambela emhlabeni.
8Lapo ya pimisela kimi, ya ti kimi, Bheka, lawa a pumela ezweni la senyakato a pumuzile umoya wami ezweni la senyakato.
9Kwa ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, ukuti,
10Tabata kuko ukutunjwa, kuHeldi, kuTobia, na kuJedaia a ba vele eBabulona, u ye wena ngalolosuku u ngene endhlini ka Josia indodana ka Zefania.
11Ko ti u tabate isiliva negolide u yenze imiqele, u yi beke ekanda kuye uJoshua indodana ka Josadaki umteteleli omkulu.
12U tyo kuye, ukuti, Njalo u tyo uJehova wamabandhla, u ti, Bheka umuntu ogama lake li Igatya; ko ti a mile nga pansi kwake, ake itempeli lika Jehova.
13Yena pela wo laka itempeli lika Jehova; yena wo pata ubukosi, wo hlala a buse esihlalweni sake sobukosi, Yena wo ba umteteleli esihlalweni sake sobukosi, ko ti icebo lokuhlala kahle li be pakati kwabo bobabili.
14Ko ti imiqele i be kuHelemi na kuTobija, na kuJedaia, na kuHeni indodana ka Zefania, i be isikumbuzelo etempelini lika Jehova, nina ni ya kwazi ukuba uJehova wamabandhla u ngi tumile kini. Loku ko ba kona uma ni lalela kahle kulo izwi lika Jehova.