1CELANI kuJehova imvula ngesikati semvula esigcinayo; ku nguJehova o wenza izinyazi, yena wo ba nika izihlambi zemvula, ku ilomuntu utyani emhlabatini wake.
2Ngokuba izitombe zi kulumile ize, nezanusi zi bonile amanga, zi tyelile amapupo akohlisayo; zi ya tokozisa ngeze; ngako ba deda njengomhlambi, ba katazeka, ba ti, A muko umalusi.
3Ulaka lwami lwa vuta nga kubo abalusi, nga hlupa nezimbuzi; ngokuba uJehova wamabandhla u hambile umhlambi wake abendhlu ka Juda; u benzile njengehashi lake eli namandhla ekulweni.
4Ku yena kwa puma igumbi, kuye isibetelo, kuye umcibityelo wokulwa, kuye bonke abahlupi kanye.
5Ku ya kuti ba be njengamaqawe a nyatela odakeni lwezindhlela izita zabo ekulweni ba ya kulwa, ngokuba uJehova u ku bona; ko ti abakweli bamahashi ba jabiswe.
6Ngo ti ngi qinise indhlu ka Juda, ngi sindise nendhlu ka Josefa, ngi ba hlalise; ngokuba ngi ba haukele; Ko ti ku be njengokuba a ngi zanga ngi ba dela, ngokuba mina Jehova Tixo ngi ya ku bezwa.
7Ko ti abaEfraimi ba be njengeqawe, inhliziyo yabo yo jabula njengokuba i newaini; abantwana babo bo bona, ba jabule inhliziyo yabo i ya kwetaba kuJehova.
8Ngi ya kuti ngi ba tyayele umlozi ngi ba bute; ngokuba ngi ba kululile; ko ti bande njengaloku bandile.
9Ngo ti ngi ba hlwanyele ebantwini; lapo ba zo ngi kumbula ezindaweni ezikatyana; ba ya kuba kona kanye nabantwana babo, ba buye.
10Ngi ya kuti ngi ba buyise ezweni la sEgipite, ngi ba bute ba pume eAshuri; ngi ba ngenise ezweni la seGiladi neLebanoni; ko za ku nga funyanelwa indawo yabo.
11Ko ti a dabule ulwandhle ngohlupo, a tyaye amaza elwandhle, zi ya kuti izindawo ezijulileyo zomfula zonkezome; ko kwehliswa ukuzidhla kwabaAshuri; nentonga e nomsila i dede Egipite.
12Ngo ti ngi ba qinise kuJehova; ba zihambele egameni lake, ukutyo kuka Jehova.