1BA kumbuze ukuba ba zihlele pansi kwamakosi nababusayo, ba lalele, be lungele imisebenzi yonke emihle.
2Ba nga hlebi muntu, ba nga bi abaxabanayo, ba be mnene, ba pate abantu bonke ngomusa.
3Ngokuba nati kade sa si izipukupuku, abangalaleliyo, abedukileyo, sa konza izinkanuko nokwenama okuningi, sa hlala ngokubi na ngomona, sa nengeka, sa zondana.
4Kepa lapo se kwaziwe umusa nobunene buka Tixo umSindisi wetu,
5Ku nga yi ngemisebenzi yokulunga, esi yenzileyo, kepa ngokomusa wake wa si sindisa, ngokuhlamba kokuzalwa okutya, na ngokwenza okutya kuka Moya o ingcwele,
6A m telayo a vame kitina, ngaye uJesu Kristu umSindisi wetu:
7Ukuze si lungiswe ngomusa wake, senziwe izindhlamafa ngokwetemba lokupila okupakade.
8Li isiminya lelizwi; ngi ya tanda u qinise lezizinto, ba ze ba qonde ukukutala emisebenzini elungileyo abakolwayo uTixo. Lezizinto zinhle, zi nokusiza abantu.
9Kepake gwema imibuzo yobuula, nokulanda izizukulwane, nenkani, nokupikisana ngomteto; ngokuba a ku sizi loku, ku ize.
10Nxa umuntu e fundisa okupambene neqiniso, e se lulekwe futifuti, u m lahle;
11Wazi ukuti onjalo wedukile, u yona, e jeziswa inhliziyo yake.
12Nxa ngi tuma kuwe uArtema, noma uTikiku, qinisa u ze kimi eNikopoli; ngokuba ngi ti ngi ya kuhlala ngi qede ubusika kona.
13U ba zise oZenasi ummeli, noApolo, beze kahle, ba nga sweli luto.
14Abetu a ba funde ukukutala emisebenzini elungileyo, enzelwa okufaneleyo, ba nga bi abangateliyo.
15Bonke aba lapa kimi ba konza kuwe. Ngi konzele kwabasitandayo ekukolweni. Umusa a u be kinina nonke. Ameni.