1NGI yirose la seSharoni, nentebe yezigodi.
2Njengentebe pakati kwameva, si njalo isihlobokazi sami pakati kwamadodakazi.
3Njengomuti wamaapula pakati kwemiti yehlati, si njalo isitandwa sami pakati kwamadodana. Nga hlala pansi komtunzi wake ngokwenama okukulu, sa ti isitelo sake samnandi ekunambiteni kwami.
4Wa ngi leta endhlini yokudhlela, isibonakaliso sake pezu kwami sa si utando.
5Ngi bambezele ngemvaba yevini, u ngi duduze ngamaapula: ngokuba ngi ya fa utando.
6Isandhla sake sokohlo si ngapansi kwekanda lami, nesandhla sake sokunene si ya ngi gona.
7Ngi ya ni yala, nina madodakazi a seJerusalema, ngezindhluzele, na ngezimbabala za sendhle, ukuba ni nga babasi, ni nga m vusi otandiweyo wami, e nga ka tandi.
8Izwi lesitandwa sami! bheka, si yeza si xuma pezu kwezintaba, si gilikida pezu kwamaganga.
9Isitandwa sami si njengendhluzele noko itole lembabala: bheka, si mi nga seyi kodonga lwetu, si buka ngezibobo, si zibonakalisa ngesikala.
10Isitandwa sami sa kuluma, sa ti kimi, vuka, sihlobokazi sami muhle wami, u ze.
11Ngokuba, bheka, ubusika se bu dhlulile, imvula i si pelile yemuka;
12Izimbali zi ya bonakala emhlabatini; isikati sokuhlabelela kwezinyoni si fikile, izwi lehobe li yezwakala ezweni lakiti;
13Umkiwane u ya veza amakiwane awo a luhlaza, nezivini zi leta ipunga elimnandi lezinwazi ezi tambileyo. Vuka, mhlobokazi wami, muhle wami u ze.
14Juba lami, eli semifanteni yamatye, ezindaweni ezisese zamawa ma ngi bone ubuso bako, ma ngi zwe izwi lako; ngokuba li mnandi izwi lako, nobuso bako buhle,
15Si bambeleni izimpungutye, izimpungutye ezincane ezonakalisayo izivini: ngokuba izivini zetu zi nezinwazi ezi tambileyo.
16Isitandwa sami si esami, mina ngi ngowaso: salusela pakati kwezintebe.
17Ku ze ku se, amatunzi emuke, buya, sitandwa sami, u fane nendhluzele noko nesixumu sembabala pezu kwezintaba za seBeta.