1UNAOMI uninazala wa ti kuye, Mtanami, ma ngi nga ku funeli ukupumula, ukuba ku be kuhle kuwe na?
2uBoazi, o bu nesifazana sake, a siso isihlobo setu na? Bheka, u yela ibarle ngalobubusuku esibuyeni.
3Ngako hamba u geze, u gcobe, u gqoke, u ye esibuyeni; kepa u nga zazisi kulowomuntu u nga ka qedi ukudhla nokupuza.
4Ku za kuti, nxa e sa lala, wo qonda indawo a za kulala kuyo, u ngene, wambule ezinyaweni zake, u lale; u ya kukutyela loko o za kukwenza.
5Wa ti kuye, Konke o ku tyoyo ngi ya kukwenza.
6Wesuka, wehla, wa ya esibuyeni, wenza konke a m yala ngako uninazala wake.
7uBoazi wa dhla, wa puza, ya tokoza inhliziyo yake, wa ya ukulala ekugcineni kenqwaba yamabele; wa ngena kahle, wambula ezinyaweni zake, wa lala.
8Kwa ti pakati kobusuku, wetuka umuntu, wa penduka, bheka, isifazana sa si lele ezinyaweni zake.
9Wa ti, Ubani wena na? Wa ti ngi uRute, incekukazi yako; yembesake incekukazi yako ngengubo yako; ngokuba u umhlengi.
10Wa ti, Ka u busiswe nguJehova, mtanami; wenzile ku be kuhle ububele bako ba semva ku nobokuqala, loku u nga zi landelanga izinsizwa, noma zi mpofu noma zi cebile.
11Kepa, mtanami, u ngesabi; ngi ya ku kwenzela konke o ku tyoyo; ngokuba umuzi wonke wabantu bakiti u yazi ukuti, u ngumfazi olungileyo.
12Na manje ku qinisile, ngi umhlengi; kepa u kona umhlengi omkulu ku nami.
13Hlala nga lobubusuku, ku za kuti kusasa, uma e ku hlenga, kuhle, ka hlenge; kepa uma e nga tandi ukukuhlenga, ngi ya kukuhlenga, Jehova; lalaku ze ku se.
14Wa lala ngasezinyaweni zake kwa za kwa sa. Wa vuka be nga kazani abantu. Ngokuba wa ti, A ku ngaziwa ukuti, umfazi wa ngena esibuyeni.
15Wa ti, Leta ingubo o yambatayo, u i bambe. Wa i bamba; wa linganisa izilinganiso ezi isitupa zebarle, wa zi beka pezu kwake; wesuka wa ya emzini.
16Wa fika kuninazala; yena wa ti, U ubani wena, mtanami? wa m tyela konke a be m enzele kona lowomuntu.
17Wa ti, Wa ngi nika lezizilinganiso ezi isitupa zebarle; ngokuba wa ti kimi, U nga yi kunyokozala, u nga pete uto.
18Wa ti, Hlala kahle, mtanami, u ze wazi ukuba ku petlapi; ngokuba lomuntu ka yi ku hlala, e nga ka qedi lomsebenzi namhla.