1POKE, umJuda u nokwahlula kuni na? ukusoka ku nokusiza kuni na?
2Kakulu inxa zonke; kuqala, ngokuba ba nikiwe amazwi ka Tixo.
3Ku ini, nokuba abanye be nga kolwanga? ukungakolwa kwabo ku ngenza ku be ize ukuqinisa kuka Tixo na?
4Ai; ko hlala uTixo e neqiniso njalo, be namanga abantu bonke, njengokulotyiweyo ukuti, Ukuze u tetelelwe emazwini ako, wahlule ekutetweni kwecala lako.
5Kepa uma ukungalungi kwetu ku bonakalisa ukulunga kuka Tixo, si ya kutini na? A ka lungile ini uTixo o veza ulaka na? Ngi ya kuluma njengomuntu.
6Ai; po uTixo a ngahlulela izwe kanjani na?
7Uma iqiniso lika Tixo li vamile ngamanga ami, a dunyiswe yena, ngi lahlelwani mina njengesoni na?
8Yebo, a si nga tyo ini, njengokutukwa kwetu, njengokutyo kwabanye aba ti, ku tyo tina ukuti, A senze okubi ko ze ku vele okulungileyo; labo ba fanele ukulahlwa kwabo.
9Po, si lungile ku nabo na? Qa, nakanye. Se si tyilo ukuti, abaJuda namaGreki ba sekoneni bonke;
10Njengokulotyiweyo ukuti, Ka ko olungileyo; noyedwa;
11Ka ko o qondayo; ka ko o funa uTixo,
12Bedukile bonke, bonakele kanye; ka ko owenza okuhle, ka ko noyedwa:
13Umpimbo wabo u ituna elivulekileyo; ba kohlisa ngezilimi zabo; isihlungu sezinyoka si pansi kwezindebe zabo:
14Umlomo wabo u gcwele ukutuka nokubaba:
15Izinyawo abo zi tyetya ukupalaza igazi:
16Ukuciteka nosizi ku sezindhleleni zabo;
17Indhlela yokutula a ba yazi:
18Ukumesaba uTixo a ku ko pambi kwamehlo abo.
19Kepa si yazi, loku o ku tyoyo umteto, u tyo kwaba semtetweni, ukuba ku vinjwe imilomo yonke, izwe lonke li be necala pambi kuka Tixo:
20Ngokuba ngemisebenzi yomteto a ku yi kutetelelwa muntu pambi kwake; loku ukwazi izono ku ngomteto.
21Kepa kaloku ku bonakaliswe ukulunga oku ngoTixo ngapandhle komteto, ku qiniswa umteto nabaprofeti;
22Ukulunga kuka Tixo ngokukolwa uJesu Kristu, ku kubo bonke, ku pezu kwabo bonke abakolwayo; a ku ko ukwahlukana;
23Ngokuba bonile bonke, be nga finyelele ebukosini buka Tixo;
24Be tetelelwa ngesihle ngomusa wake, ngokuhlengwa oku kuKristu Jesu;
25A m bekileyo uTixo, a be umhlauli ngokwetemba igazi lake, ku bonakaliswe ukulunga oku ngaye, ngokutetelela izono eza zi pambili, ngokubekezela kuka Tixo;
26Ku bonakaliswe ukulunga oku ngaye nga lesisikati, a ze a be e lungile, a m tetelele lowo okolwa uJesu.
27Kupi ukuzibonga na? Ku susiwe. Nga mupi umteto na? ngowemisebenzi na? Qa, ngomteto wokukolwa.
28Njalo si ti, umuntu u tetelelwa ngokukolwa, ngapandhle kwemisebenzi yomteto.
29Imbala u uTixo wabaJuda kupela na? ka siye nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe;
30Loku uTixo munye, o za kutetelela abasokileyo ngenxa yokukolwa, nabangasokile ngokukolwa.
31Po, si wenza umteto u be ize ngokukolwa na? Ai, si ya qinisa umteto.