1NJALO ku fanele tina esi namandhla si bekezele ubutakataka babangenamandhla, si nga zitokozisi tina.
2A ku be ilowo wa kiti a m tokozise owakelene naye, ku be kuhle, ku luleke.
3Ngokuba naye uKristu e nga zikolisanga yena, kepa njengokulotyiweyo ukuti, Ukutuka kwabakutukayo pambili ku nge hlele mina.
4Konke okwa lotywa pambili, kwa lotyelwa ukusifundisa, ukuba si be netemba ngokubekezela, na ngokutokoza oku ngemibalo.
5A ku ti uTixo wokubekezelisa nokutokozisa a ni pe ni be nokuqonda kunye ngokuka Kristu Jesu;
6Ukuze ku ti ngenhliziyonye, na ngomlomo munye, ni m dumise uTixo, uYise, weNkosi yetu uJesu Kristu.
7Njalo yamkelanani njengoJesu wa samkela, ku bongwe uTixo.
8Ngi ti, uJesu Kristu wa ba isikonzi sabasokileyo ngesiminya sika Tixo, ukuba a qinise izitembiso, aba tenjiswa ngazo obaba.
9Nokuba abezizwe ba m dumise uTixo ngomusa wake, njengokulotyiweyo ukuti, Ngaloku ngi ya kukudumisa ezizweni, ngi hlabelele igama lako.
10U tyo futi ukuti, Jabulani, nina zizwe, kanye nabantu bake.
11Nokuti, Dumisani iNkosi, nina zizwe zonke, ni i bonge, bantu bonke.
12NoIsaya u ti, Ko ba kona o impande ka Jese, o za kuvela, a buse izizwe; zi ya kwetemba kuyena.
13uTixo wokwetembisa a ni gcwalise ngokujabula nokutula konke ngokukolwa, ni ze ni vame ukwetemba ngamandhla ka Moya o ingcwele.
14Ngi ya kolwa ngani, bazalwane, mina uqobo, ukuti, ni zele okuhle, ni gcwele ukwazi konke, ni namandhla okululekana.
15Kepa, bazalwane, ngi ni lobele ngesibindi, nganxanye, ku nga ti ngi ni kumbuza, ngomusa engi u piwa uTixo.
16Wokuba ngi be isikonzi sika Jesu Kristu ezizweni, ngi konze ngevangeli lika Tixo ukuze ukunikelwa kwabezizwe ku be kuhle, ku hlanjululwa ngoMoya o ingcwele.
17Njalo ngi nokuzincoka ngoKristu Jesu, ngokuka Tixo.
18Ngokuba ngi nge be nasibindi sokukuluma uto lwa lezozinto, uKristu, a nga zenzanga ngami, ba ze ba lalele abezizwe, ngezwi, na ngemisebenzi.
19Ngamandhla ezibonakaliso, nemimangaliso, ngamandhla ka Moya o ingcwele; ku ze ku ti, ngi shumayele ivangeli lika Kristu, ku suka eJerusalema na sezweni la kona, ku ze ku fike eIliriko;
20Ngi zama ukushumayela ivangeli ngokunjalo, a ngi tyo lapo laziwa kona igama lika Kristu, funa ngake esisekelweni somunye muntu;
21Kepa njengokulotyiweyo ukuti, Aba nga tyelwanga ngaye, ba ya kubona; naba ngezwanga ba ya kuqonda;
22Ku ngaloku ngi tiyeke kaningi ukuza kini.
23Kepa manje, loku ngi nga se nandawo ku lamazwe, se ku iminyaka eminingi ngi fisa ukuza kini;
24Nxa ngi ya eSpania, ngi yetemba ukunibona ekudhluleni kwami, ngi pelekezelwe ini kona, uma se ngi suti nganxanye ukubonana nani.
25Kepa manje ngi sa ya eJerusalema, ngi konze abangcwele.
26Ngokuba aba seMakedonia, naba se Akaya ba be ti kuhle ukubabela abampofu kwabangcwele ba seJerusalema.
27Yebo, ba be ti kuhle; ba necala labo. Ngokuba, uma abezizwe be hlanganyele okomoya kwabo, ba necala lokubakonza ngokwenyama.
28Ngakoke, nxa se ngi qedile loku, ngi nikizele kubo lesisitelo, ngi ya kuhamba ngi dhlule kini ukuya eSpania.
29Ngi yazi, ekufikeni kwami kini ngi ya kufika ngi vama izibusiso zevangeli lika Kristu.
30Ngi ya ni ncenga bazalwane, ngayo iNkosi yetu uJesu Kristu, na ngotando luka Moya, ukuba ni bambisane nami ngokungikulekela kuTixo:
31Ukuba ngi sindiswe kwabangakolwayo ba seJudia, nokuba ku be kuhle kwabangcwele isitelo engi si yisa eJerusalema;
32Ngi fike kini ngi nokutokoza ngentando ka Tixo, ngi punyuzwe kanye nani.
33uTixo wokutula a ka be nani nonke. Ameni.