1YAMKELANI obutakataka ekukolweni; ku nga bi ngokwahlula kwemicabango.
2Omunye u ti a nga dhla izinto zonke, kepa obutakataka u ya dhla izilimo.
3Odhlayo a nga deli ongadhliyo: ongadhliyo a nga m ahluleli odhlayo; loku uTixo e m amkele.
4Wena u ngubani o yahlulela inceku yomunye umuntu na? Noma i ma, noma i wa, ku senkosini yayo. Kepa i ya kuma ngokuba uTixo u namandhla okuimisa.
5Omunye u ya keta izinsuku, u ti zinhle ku nezinye; omunye u ti izinsuku zonke, zi ya fana; a ku be ilowo a qiniseke enhliziyweni yake.
6O gcina usuku, u ya lu gcina ngenxa yeNkosi; o nga gcini usuku, a ka lu gcini ngenxa yeNkosi. Odhlayo u ya dhla ngenxa yeNkosi, ngokuba e bonga uTixo; ongadhliyo a ka dhli ngenxa yeNkosi; kepa u ya bonga uTixo.
7Ngokuba ku nge ko muntu wa kiti o zipilelayo yena, a ku ko nozifelayo.
8Uma si pila, si pilela iNkosi; uma si fa, si fela iNkosi; njalo noma si pila, noma si fa, si ngabeNkosi.
9Ngenxa yaloku uKristu wa fa, wa vuka, wa pila, ukuze a be iNkosi yabafileyo nabapilayo.
10Kepa u m ahlulelani umzalwane wako na? u m eiselani umzalwane wako na? loku tina sonke si ya kuma pambi kwesihlalo sokwahlula sika Kristu.
11Ngokuba ku lotyiwe ukuti, Ngi kona, i tyo iNkosi, amadolo onke a ya kuguqa kimi, nezilimi zonke zi bonge uTixo.
12Njalo tina sonke si ya kuzipendulela kuTixo.
13Ngakoke a si nga be si sahlulelana; kepa yahlulani loku ukuti, ni nga bekeli umzalwane isikubekiso, nento yokumonisa.
14Ngi yazi, ngi ya kolwa ngoJesu Kristu, ukuti a ku ko luto olubi ngokwalo, kupela ku lowo o tyoyo lubi, kuyena lubi.
15Uma umzalwane wako u cunukile ngokudhla, a u sa hambi ngotando. U nga m bubisi ngokudhla kwako, lowo a m felayo uKristu.
16A ku nga tukwa okuhle kwenu.
17Umbuso ka Tixo a u siko ukudhla nokupuza; u ukulunga, nokutula, nokutokoza ngoMoya o ingcwele.
18O konza uKristu ngaloku, u kolekile kuTixo, u tandeka kubantu.
19Njalo a si lande okokutula nokokwakisana.
20U nga dilizi umsebenzi ka Tixo ngenxa yokudhla. Kuhle konke, kepa kubi ku lomuntu o cunula ngokudhla.
21Kuhle u nga dhli inyama, u nga puzi iwaini, nanye into a kubeka ngayo umzalwane wako, a cunuke, a be butakataka.
22U nokukolwa na? yiba nako wena pambi kuka Tixo. U busisiwe o nga zilahli ngaloko, a kolwa iko.
23Kepa o ngabazayo, uma e dhla, u lahliwe, ngokuba e nga dhli ngokukolwa konke oku nge ngokukolwa ku isono.