1EMVA kwa loko nga bona izingelosi ezine zi mi emagumbini amane omhlaba, zi bamba imimoya emine yomhlaba, ukuba umoya u nga pepeti emhlabeni, na selwandhle na kumunye umuti.
2Nga bona enye ingelosi i kupuka nga sempumalanga, i nopau luka Tixo opilayo, ya memeza ngezwi elikulu ezingelosini ezine, eza piwa ukona umhlaba nolwandhle,
3Ya ti, Ni ngoni umhlaba nolwandhle, nemiti, si ze si beke upau pezu kwezinceku zika Tixo wetu emabunzini azo.
4Ngezwa ukuma kwaba bekwa upau; aba izinkulungwane ezi ikulu namashumi amane nane ba bekwa upau ezizweni zonke zabantwana baka Israeli.
5Esizweni sika Juda ba bekwa upau aba izinkulungwane ezi ishumi nambili. Esizweni sika Rubeni ba bekwa upau aba izinkulungwane ezi ishumi nambili. Esizweni sika Gadi ba bekwa upau aba izinkulungwane ezi ishumi nambili.
6Esizweni sika Asheri ba bekwa upau aba izinkulungwane ezi ishumi nambili. Esizweni sika Naftalemi ba bekwa upau aba izinkulungwane ezi ishumi nambili. Esizweni sika Manasa ba bekwa upau aba izinkulungwane ezi ishumi nambili.
7Esizweni sika Simeoni ba bekwa upau aba izinkulungwane ezi ishumi nambili. Esizweni sika Levi ba bekwa upau aba izinkulungwane ezi ishumi nambili. Esizweni sika Isakari ba bekwa upau aba izinkulungwane ezi ishumi nambili.
8Esizweni sika Zebulona ba bekwa upau aba izinkulungwane ezi ishumi nambili. Esizweni sika Josefa ba bekwa upau aba izinkulungwane ezi ishumi nambili. Esizweni sika Benjamini ba bekwa upau aba izinkulungwane ezi ishumi nambili.
9Emva kwa loko, nga li bona iningi elikulu eli nge nakubalwa muntu, lezizwe zonke nelemindeni, nelabantu, nelezilimi, li mi pambi kwesihlalo sobukosi, na pambi kweUndhlu, lembete okumhlope, li pete amagatya esundu,
10La memeza ngezwi elikulu, li ti, Ukwahlula a ku be kuTixo e hlala esihlalweni na kulo iUndhlu,
11Izingelosi zonke zema zi haqa isihlalo, namalunga, nezidalwa ezine, za kotama ngobuso pambi kwesihlalo sobukosi, za m dumisa uTixo,
12Za ti, Ameni; Ubusiso, nobukosi, nokuhlakanipa, nokubongwa, nodumo, namandhla, nokwahlula, a ku be kuTixo wetu ku ze ku be pakade. Ameni.
13La pendula elinye ilunga, la ti kimi, Laba abembete okumhlope ba ngobani na? ba velapi na?
14Nga ti kulo, Nkosi yami, U yazi wena, La ti kimi, Laba ibona aba puma ekuhlupekeni okukulu, ba hlanza izingubo zabo, ba zenza zi be mhlope ngegazi leUndhlu.
15Ngaloku ba kona pambi kwesihlalo sobukosi sika Tixo, ba m konza emini nobusuku etempelini lake; yena o hlala esihlalweni sobukosi u ya kuhlala pakati kwabo.
16A ba sa yi kulamba, a ba sa yi koma; a ba yi kwehlelwa ilanga nokubalela.
17Ngokuba iUndhlu eli nga pakati kwesihlalo sobukosi li ya kubalusa, li ba yise emitonjeni yamanzi okupila; uTixo u ya kwesula izinyembezi zonke amehlweni abo.