1NA kuyo ingelosi yebandhla la seSardisi loba ngokuti. U tyo lowo o nomoya aba isikombisa baka Tixo, nezinkanyezi ezi isikombisa, u ti, Ngi yazi imisebenzi yako, ukuti, u negama lokuti, u kona, kepa a u seko.
2Linda, u qinise okuseleyo o be ku za kufa; ngokuba a ngi fumene imisebenzi yako i pelele pambi kuka Tixo.
3Kumbula ukuti u fundile, u zwile; a ku qapele, u penduke, uma u nga lindi, ngi ya kukwehlela njengesela; a u yi kusazi isikati engi ya kukwehlela ngaso.
4Kepa u namagama a incozana eSardesi a labo aba nga ngcolisanga izingubo zabo; ba ya kuhamba nami bembete izingubo ezimhlope, ngokuba be fanele.
5O nqobayo u ya kwembatiswa izingubo ezimhlope; a ngi yi kuhlangula igama lake encwadini yobomi; ngi ya kuvumela igama lake pambi kuka Baba, na pambi kwezingelosi zake.
6O nendhlebe a kezwe loku a ku tyoyo uMoya emabandhleni.
7Na kuyo ingelosi yebandhla la seFiladelfia loba ngokuti, U tyo o ingcwele, o qinisile, o nesihlutulelo sika Davida, o vula, ku nga vali muntu, o vala, ku nga vuli muntu, u ti,
8Ngi yazi imisebenzi yako, naku, ngi bekile pambi kwako umnyango ovuliweyo; ku nge ko umuntu o nga u valayo; ngokuba u namandhla a incozana, u li gcinile izwi lami, a u li pikanga igama lami.
9Bheka, ngi benza ba be abomhlangano ka Satani labo, aba tyo ukuti, ba ngabaJuda be nge sibo, kodwa be ngabamanga bheka ngi ya kubenza beze ba dumise pambi kwezinyawo zako, bazi ukuti ngi ku tandile.
10Ngokuba u li gcinile izwi lami lokubekezela, ngo ku gcina wena ngesikati sokulingwa, esi za kufika ezweni lonke, ba ze ba lingwe abakileyo emhlabeni.
11Ngi yeza masinyane, bambisisa loku o nako, ku ze ku nga bi ko o kwamuka umqele wako.
12O nqobayo ngi ya kumenza insika etempelini lika Tixo wami, a ka sa yi kupuma, ngi ya kuliloba pezu kwake igama lika Tixo wami, negama lomuzi ka Tixo wami, iJerusalema elitya, elehla ezulwini kuTixo wami, negama lami elitya.
13O nendhlebe a kezwe loku a ku tyoyo uMoya emabandhleni.
14Na kuyo ingelosi yebandhla la seLaodikia loba ngokuti. U tyo uAmeni uFakazi oqinisileyo o isiminya, ukuqala kokudabuka kuka Tixo, u ti,
15Ngi yazi imisebenzi yako, ukuti, a u bandi, a u tyisi, kuhle ukuba u bande, nokuba u tyise.
16Ngako, ngokuba u isivivi, u nga bandi, u nga tyisi, ngo ku pumisa emlonyeni wami.
17Ngokuba u tyo u ti, Ngi cebile, ngi fuyile, a ngi dingi luto, u ngazi ukuti, u ngohlupekayo, ohaukelwayo, ompofu, opuputekayo, ohambaze,
18Ngi ku yala ukuba u tenge kimi igolide elihlanjululiweyo ngomlilo, u fuye, u tenge nezingubo ezimhlope, u gqoke, ku nga bonakali ihlazo lobuze bako; u tenge nomuti wokuninda amehlo ako, ukuba u bone.
19Bonke engi ba tandayo ngi ba sola, ngi ba tyaya, ngako kutazela, u penduke.
20Bheka, ngi se mi emnyango, ngi gqongqota; uma umuntu e zwa izwi lami, a vule emnyango, ngi ya kungena kuye, ngi dhle naye a dhle nami.
21O nqobayo ngi ya kumnika ukuba a hlala nami esihlalweni sami sobukosi, njengami nga nqoba, ngeza nga hlala noBaba esihlalweni sake sobukosi.
22O nenhlebe a kezwe loku a ku tyoyo uMoya emabandhleni.