1WA ngi bonisa umfula wamanzi okupila, u gcwebile njengekrustalo, u vela esihlalweni sobukosi sika Tixo neUndhlu.
2Pakati kwendhlela yawo nomfula, ezinkunjini zombili, kwa ku kona umuti wokupila, u tela izitelo ezi ishumi nambili, u tela izitelo zawo izinyanga ngezinyanga; amaqabunga omuti a ngawokusindisa izizwe.
3A ku sa yi kuba kona ukuqalekisa; isihlalo sobukosi sika Tixo neUndhlu si ya kuba kona kuwo; izinceku zake zi ya kumkonza,
4Zi bone ubuso bake; igama lake li ya kuba emabunzini azo.
5Ubusuku a bu sa yi kuba kona; a ba yi kudinga ukukanya kwesibani nokukanya kwelanga; ngokuba iNkosi uTixo i ya kubakanyisela; ba ya kubusa ku ze ku be pakade.
6Ya ti kimi, Lawamazwi a isiminya, a qinisile; iNkosi uTixo wabaprofeti abangcwele ya tuma ingelosi yayo, ukuba i bonise izinceku zayo loko oku za kwenzeka masinyane.
7Bheka, ngi yeza masinyane; u busisiwe o gcinayo amazwi okuprofeta kwa lencwadi.
8Mina Johane ngi uye owezwa wa bona loku; lapo ngezwa nga bona, nga kotama pansi, ukuba ngi dumise pambi kwezinyawo zengelosi eya ngi bonisa loku.
9Ya ti kimi, Musa ukwenza njalo; ngi inceku kanye nawe nabazalwane bako abaprofeti, nabagcinayo amazwi a lencwadi; m dumise uTixo.
10Ya ti kimi, U nga namatelisi ngopau amazwi okuprofeta kwa lencwadi; ngokuba isikati si seduze.
11O nga lungile a ka hlale e nga lungile; o nensila a hlale e nensila; olungileyo a hlale e ingcwele.
12Bheka, ngi yeza masinyane, ngi za nokuvuza kwami, ukuba ngi m nike ilowo njengomsebenzi wake.
13Ngi nguAlfa noOmega, owokuqala nowokupela, ukuqala nokupela.
14Ba busisiwe abagcinayo imiyalo yake, ba ze ba be nendawo emtini wokupila, ba ngene emzini ngamasango.
15Ngapandhle ku kona izinja, nabatakati, nezifebe, nababulali, nabakonza izitombe, nabo bonke aba ku tandayo naba kwenzayo okubi.
16Mina Jesu ngi tumile ingelosi yami ukuqinisa loku kini emabandhleni. Ngi impande nenzalo ka Davida, inkanyezi ekazimulayo yokusa.
17uMoya noMakoti ba tyo ba ti, Woza. Naye ozwayo a ka tyo ukuti, Woza. A keze owomileyo. Otandayo ka tabate amanzi okupila ngesihle.
18Ngi ya qinisa kubo bonke abezwayo amazwi okuprofeta kwa lencwadi, Uma umuntu enezela kuwo, uTixo u ya kwenezela kuye izinhlupo ezi lotyiwe ku lencwadi;
19Uma umuntu e pungula kuwo amazwi encwadi ya lokukuprofeta, uTixo u ya kupungula ukwabelwa kwake emtini wokupila, na semzini ongcwele, kokulotyiwe ku lencwadi.
20U tyo oqinisayo loku, u ti, Yebo, ngi yeza masinyane, Ameni. Yebo, yiza, Nkosi Jesu.
21Umusa weNkosi uJesu Kristu ma u be kubo bonke abangcwele. Ameni.