1KUYO ingelosi yebandhla la seEfesu loba ngokuti, U tyo lowo o zi pete izinkanyezi ezi isikombisa esandhleni sake sokunene, o hamba pakati kwezinti zezibani ezi isikombisa, u ti,
2Ngi yazi imisebenzi yako nokukutazela kwako, nokubekezela kwako, nokuti, u nge vumele ababi; u ba hlolile abatyoyo ba ti ba ngabapostoli kepa be nge sibo; u ba fumene be qamba amanga;
3U nokubekezela, u kutazele ngegama lami, a u katalanga.
4Kepa ngi ku sola, ngokuba u yekile utando lwako lokuqala.
5Ngako kumbula lapo u we kona, u penduke, wenze imisebenzi yokuqala; uma u ngenzi njalo, ngi ya kuza kuwe masinyane, ngi suse uti lwesibani sako endaweni yalo, uma u nga penduki.
6Kepa u na loku ukuti, u ya zonda imisebenzi yabaNikolao, engi i zondayo nami.
7O nendhlebe a kezwe loku a ku tyoyo uMoya emabandhleni; o nqobayo ngi ya kumnika ukuba a dhle kuwo umuti wokupila o separadisi lika Tixo.
8Na kuyo ingelosi yebandhla la seSmurna loba ngokuti, U tyo lowo owokuqala nowokupela, owa fayo, kepa u se pila, u ti;
9Ngi yazi imisebenzi yako, nokuhlupeka kwako, nobumpofu bako, (kepa u fuyile,) nenhlamba yabatyoyo ba ti ba ngabaJuda, be nge sibo, kodwa ba ibandhla lika Satani.
10U ngesabi loko o za kuhlupeka ngako. Bheka, uSatani u ya kufaka abanye kini etilongweni, ukuba ni lingwe; ni ya kuhlupeka izinsuku ezi ishumi; kutazela u ze u fe, ngo ku nika umqele wokupila.
11O nendhlebe a kezwe loku a ku tyoyo uMoya emabandhleni; o nqobayo a ka yi kwehlelwa ukufa kwesibili.
12Na kuyo ingelosi yebandhla la sePergamo loba ngokuti, U tyo lowo o nenkemba e bukali, e nezinsiko ezimbili, u ti,
13Ngi yazi imisebenzi yako, na lapo u hlala kona, lapo si kona isihlalo sika Satani; u ya bambelela egameni lami; a u pikanga ukukolwa kwami, qa, na nga leyomihla a e ufakazi o isiminya ngayo uAntipasi, owa bulawa pakati kwenu, lapa e hlala kona uSatani.
14Kepa ngi nensolo encinyane kuwe, ngokuba u nabo lapo aba bambelela ekufundiseni kuka Balami, owa fundisa uBalaki, ukubeka isikubekiso pambi kwamadodana ka Israeli, sokuba a dhle loko oku nikelwa ezitombeni, nokuba a pinge.
15Ku njalo nawe u nabo aba bambelele ekufundiseni kwabaNikolao.
16Ngako penduka; uma u ngenzi njalo ngi ya kuza kuwe masinyane, ngi lwe nabo ngenkemba yomlomo wami.
17O nendhlebe a kezwe loku a ku tyoyo uMoya emabandhleni; o nqobayo ngi ya kumnika imana elifihlakeleyo; ngi ya kumnika netye elimhlope, ku lotyiwe etyeni igama elitya eli ngaziwa umuntu, o lamkelayo kupela.
18Na kuyo ingelosi yebandhla la seTuatira loba ngokuti, I tyo iNdodana ka Tixo, e namehlo a njengelangabi lomlilo, nezinyawo zi njengetusi elikazimulayo, i ti,
19Ngi yazi imisebenzi yako, notando lwako, nokukolwa kwako, nokukonza kwako, nokubekezela kwako; imisebenzi yako yokupela mikulu ku neyokuqala.
20Kepa ngi nensolo encinyane kuwe, ngokuba u vumele lomfazi wako, uJezebele o tyoyo ukuti u ngumprofeti; u ya fundisa u zedusa izinceku zami zi ze zi pinge zi dhle okuhlatyelwa izitombe.
21Nga m nika isikati sokuba a penduke, kepa ka vumi ukupenduka ekupingeni kwake.
22Bheka, ngi ya kumhlala embedeni, nabo aba pingayo naye, ekuhlupekeni okukulu, uma be nga penduki emisebenzini yabo.
23Ngi ya kubabulala abantwana bake; amabandhla onke a ya kwazi ukuti, ngi nguye o hlola izibilini nezinhliziyo; ngi ya kuninika, ku be ilowo, ngokwemisebenzi yenu.
24Kepa ngi tyo kinina, eni ngabaseleyo eTuatira, bonke aba nge na lesisifundiso; aba ngazanga amacebo ka Satani, njengokutyo kwabo, a ngi yi kunetwesa omunye umtwalo.
25Kepa loku eni nako ku bambiseni ngi ze ngi fike.
26O nqobayo, e gcina imisebenzi yami ku ze ku be sekupeleni, ngi ya kumnika amandhla pezu kwezizwe;
27Wo zi busa ngentonga yensimbi, zi pahlazwe njengezitya ezibunjiweyo, njengaloku ngamkele kuBaba.
28Ngi ya kumnika inkanyezi yokusa.
29O nendhlebe a kezwe loku a ku tyoyo uMoya emabandhleni.