1EMVA kwa loku nga bona enye ingelosi yehla ezulwini, i namandhla amakulu; umhlaba wa kanyiswa ngo kukazimula kwayo.
2Ya memeza ngezwi elikulu, ya ti, Li wile, li wile iBabulona elikulu, li inhlalo yamademone, nendawo yomoya ababi bonke, nendawo yezinyoni zonke ezimbi nezinengekayo.
3Ngokuba izizwe zonke zi puzile iwaini lolaka lobufebe balo; amakosi omhlaba a pingile nalo; abatengi bomhlaba ba fuyile ngobuningi bezinto ezinhle zabo.
4Ngezwa elinye izwi li vela ezulwini, li ti, Pumani kulo, bantu bami, ukuba ni nga hlanganyeli izono zalo, nokuba ni ngamkeli ukuhlutywa kwalo.
5Ngokuba izono zalo zi finyelele ezulwini; uTixo u kumbulile okubi kwale
6Li vuzeni njengalo li vuzile, ni pinde ni li nike kabili njengemisebenzi yalo; esityeni eli telile kuso, li teleleni kabili.
7Njengokuzidumisa kwalo, nokuhlala kwalo ngobumnandi, li nikeni ukuhlupeka nokudabuka; ngokuba li tyo enhliziyweni yalo, Ngi hlala ngi inkosikazi a ngi siye umfelokazi, a ngi so za nga bona ukudabuka.
8Ngaloku ku za ku fika izinhlupeko zalo ngosuku lunye, ukufa, nokudabuka, nendhlala; li ya kutyiswa ngomlilo; ngokuba i namandhla iNkosi uTixo e lahlulelayo.
9Amakosi omhlaba, a pinge a hlale ngobumnandi nalo, a ya kulikalela, a li lilele, nxa e bona umusi wokutya kwalo.
10E mi kude ngokwesaba ukuhlutywa kwalo, e ti Maye! maye! umuzi omkulu iBabulona, umuzi o namandhla; ngokuba ngehora linye ku fikile ukulahlwa kwako.
11Abatengi bomhlaba ba ya kulila, ba kale ngalo ngokuba a ku ko muntu o sa tenga impahla yabo.
12Impahla yegolide, neyesiliva, neyamatye amahle, neyamaparele, neyekampokwe, neyokunsundu, neyesiliki, neyokubomvu, nemiti yonke yekitru, nezitya zonke zopondo lwendhlovu, nezitya zonke zemiti emihle, nezetusi, nezensimbi, nezamatye,
13Nekinamona, neamomu, neziqolo, nemuro, nenhlaka, newaini, namafuta, nempupu, nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahashi, nezinqola, nezigqili, nemipefumlo yabantu.
14Izitelo eya zi tandayo enhliziyo yako zi mukile kuwe, nako konke okuhle nokukazimulayo ku citekile u nga bi nako, a u so za wa ku fumana.
15Abatengileyo nga loku, aba fuyile ngalo, ba za kuma kude ngokwesaba ukuhlutywa kwalo, be lila, be kala,
16Be ti, Maye! maye! umuzi omkulu, owembete ikampokwe, nokunsundu, nokubomvu, owa hloba ngegolide na ngamatye amahle, ngamaparele;
17Ngokuba ngehora linye umcebo o ngaka u citekile. Amakosi emikumbi yonke, nabo bonke aba hamba emkunjini, nabantu bolwandhle, naba nemisebenzi elwandhle, bema kude,
18Ba memeza, be bona umusi wokutya kwalo, ba ti, Umupi umuzi o njega lomuzi omkulu?
19Ba tela utuli emakanda abo, ba memeza, be lila, be kala, be ti, Maye! maye! umuzi omkulu, aba cebile ngawo bonke aba nemikumbi elwandhle ngenxa yobuhle bawo! ngokuba ngehora linye li citekile.
20Tokozani ngawo, wena zulu, nani abangcwele, nabapostoli, nabaprofeti; ngokuba uTixo u ni pindisele kuwo.
21Kwa ti ingelosi e namandhla ya fukula itye, kwangati itye elikulu lokusila, ya li ponsa pakati kolwandhle, ya ti, Ku njalo lomuzi omkulu iBabulona wo ponswa, u nga be u sa funyaniswa.
22Izwi labatyaya ugubu, nelabahlabeleli, nelababeta amagendhle netilongo a li sa yi kuzwakala kuwe futi; abalumbi bemisebenzi a ba sa yi kufunyaniswa kuwe futi namunye; ukugaya etyeni lokusila a ku sa yi kuzwakala kuwe futi;
23Ukukanya kwesibani a ku sa yi kukanya pakati kwako futi; izwi lomyeni nomakoti a li sa yi kuzwiwa kuwe futi; ngokuba abatengayo kuwe ba be izikulu zomhlaba; ngokuba ngokutakata kwako izizwe zonke zedusiswe.
24Kwa funyaniswa pakati kwalo igazi labaprofeti, nelabangcwele, nelabo bonke aba bulewe emhlabeni.