1NGA bona iUndhlu li mi entabeni iZioni, be kulo aba izinkulungwane ezi ikulu namashumi amane nane, be negama lake negama lika Yise li lotyiwe emabunzini abo.
2Ngezwa izwi li vela ezulwini, li njengezwi lamanzi amaningi, na njengezwi lokuduma okukulu; izwi e nga li zwayo la li njengelababetayo ogujini, be beta izingubu zabo.
3Ba hlabelela kwangati igama elitya pambi kwesihlalo sobukosi, na pambi kwezidalwa ezine namalunga; kepa a ku bangako o namandhla okufunda lelogama kupela aba izinkulungwane ezi ikulu namashumi amane nane, abahlaulelweyo ba semhlabeni.
4Ibona aba nga ngcoliswanga ngabesifazana, ngokuba ba be mhlope; ibona aba landelayo iUndhlu lapa li ya kona; ibona aba hlaulelwe ebantwini, ulibo luka Tixo nolweUndhlu.
5A ku funyaniswanga inkohliso emlonyeni wabo; ngokuba ba be nge nacala.
6Nga bona enye ingelosi i ndiza ezulwini ngapakati, i nevangeli elipakade, ukuba i shumayele kwabakileyo emhlabeni, na kuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu,
7Ya ti ngezwi elikulu, M esabeni uTixo, ni m bonge; ngokuba isikati sokwahlula kwake si fikile; ni m dumise yena owenza izulu, nomhlaba, nolwandhle, nemitombo yamanzi.
8Nenye ingelosi eyesibili, ya landela, ya ti, Li wile, li wile iBabulona elikulu, ela puzisa izizwe zonke iwaini lolaka lokuhlobonga kwalo.
9Nenye ingelosi; eyesitatu ya zi landela, ya ti ngezwi elikulu, Uma umuntu e dumisa isilo, nomfanekiso waso, amkele upau ebunzini lake, noma esandhleni sake,
10Yena u ya kulipuza iwaini lolaka luka Tixo, eliteliweyo li nga xubaniswa esityeni sentukutelo yake; u za kuhlutywa ngomlilo na ngesolufa pambi kwezingelosi ezingcwele, na pambi kweUndhlu;
11Umusi wokuhlutywa kwabo u za kwenyuka ku ze ku be pakade; a ba nakupumula imini nobusuku abadumisayo isilo, nowamkelayo upau lwegama lake.
12Naku kubekezela kwabangcwele, abagcinayo imiyalo ka Tixo, nokukolwa kuka Jesu.
13Ngezwa izwi li vela ezulwini, la ti kimi, Loba ukuti, Ba busisiwe abafileyo aba fele eNkosini, na kaloku; Yebo, u tyo uMoya, ukuba ba pumule ekukutaleni kwabo; imisebenzi yabo i ba landela.
14Nga bona ifu elimhlope; nowa e hlala pezu kwalo o fana neNdodana yomuntu, e nomqele wegolide ekanda lake, nesikela elibukali esandhleni sake.
15Nenye ingelosi ya puma etempelini, i memeza ngezwi elikulu kuye owa e hlala pezu kwefu, ya ti, Faka isikela lako, u sike, ngokuba se si fikile isikati sako sokusika; ngokuba se komile ukudhla komhlaba.
16Yena owa e hlala pezu kwefu wa faka isikela lake, wa vunwa umhlaba.
17Nenye ingelosi ya puma etempelini la sezulwini, i nesikela elibukali nayo.
18Nenye ingelosi ya puma elatini, i namandhla pezu komlilo; ya memeza ngezwi elikulu kuyo e bi nesikela elibukali, i ti, Faka isikela lako elibukali, u bute iziswenya zesivini somhlaba; ngokuba amavini awo a vutiwe.
19Ingelosi ya faka isikela layo emhlabeni, ya buta ivini lomhlaba ya li ponsa esikamweni esikulu sevini solaka luka Tixo.
20Isikamo sevini sa nyatelwa ngapandhle komuzi kwa puma igazi esikamweni sevini la fika ematomini amahashi, la ya ibanga lamastadiu a inkulungwane namakulu a isitupa.