1JEHOVA, Tixo wempindiselo, Tixo wempindiselo kanyisa.
2Ma u zipakamise wena Mahluli wezwe; u buyisele pezu kwabazidhlayo umvuzo.
3Jehova, ko za ku be nini ababi, ko za ku be nini ababi betabe na?
4Ba pumise ba kulume kabi; be zibonga bonke abasebenzi bokubi?
5Ba ya coboza abantu bako, ba hlupe ifa lako.
6Ba ya bulala umfelokazi nomfokazi, ba bubise nezinkedama.
7Bona ba ti, uJehova a ka boni; uTixo ka Jakobe a ka qondi.
8Qondani nina zipukupuku zabantu, nani ziula ni ya kuhlakanipa nini na?
9Yena o wa beka indhlebe a ka yi kuzwa na? Yena o wenza iso a ka yi kunaka na?
10Yena o yala izizwe a ka yi kulungisa na? no fundisa umuntu ukwazi na?
11uJehova u ya wazi amacebo omuntu, ukuba a ize.
12Jehova u ya busiswa o m yalayo, u m fundise emtetweni wako.
13Ukumpumuza ezinsukwini ezimbi, ku ze ku m belwe omubi umgodi.
14Ngokuba uJehova a ka yi kulahla abantu bake, a ka yi kushiya ifa lake.
15Ngokuba ukwahlula ku ya kubuyela ekulungeni; ko ti bonke abaqoto enhliziyweni ba ku landele.
16Ubani o ya kuvukela ababi ngenxa yami na? ubani o ya kumela abasebenzi bokubi ngenxa yami na?
17Nxa uJehova wa be e nge siko ukusiza kwami, umpefumlo wami wa be u nga cityu ku hlala ekutuleni.
18Lapo nga ngi ti, Unyawo lwami lu ya tyelela; umsa wako Jehova wa ngi pasa.
19Ekuvameni kwezizindhlo zami pakati kwami ububele bako bu ya duduza umpefumlo wami.
20Si ya kuhlangana ini nawe isihlalo sobukosi sabonakalisayo, e si kwenza ukuhlupeka ngaso isimiso?
21Ba ya hlangana empefumiweni wolungileyo, ba lahle igazi elingenacala.
22Kepa uJehova u yinqaba kimi; uTixo wami u yidwala lesipepelo sami.
23Yena wo buyisela pezu kwabo ukonakala kwabo, a ba qede ebubini babo, ehe, uJehova uTixo wetu wo ba qeda.