Umtandazo ka Davida.
1BEKELA indhlebe yako, Jehova, u ngi lalele; ngokuba ngi mpofu ngi ngohlupekayo.
2Londoloza umpefumlo wami ngokuba ngi ngokolwayo mina; sindisa inceku yako e temba kuwe wena Tixo.
3Yiba nomusa kimi Nkosi; ngokuba ngi ya kala kuwe izinsuku zonke.
4Jabulisa umpefumlo wenceku yako; ngokuba ngi ya pakamisa umpefumlo wami kuwe, Nkosi.
5Ngokuba wena Nkosi u lungile, u ngoyekelayo; u neningi lomusa kubo bonke a ba ku bizayo.
6Nikela indhlebe emtandazweni wami Jehova; u lalele kulo izwi lokukuleka kwami.
7Ngosuku lokuhlupeka ngo ku biza; ngokuba wo ngi pendula.
8Amuko o njengawe pakati kotixo, Nkosi; futi akuko o ku njengokwenza kwako.
9Izizwe zonke o zenzileyo wena, zi ya kuza, zi kuleke ebusweni bako, Nkosi; zi dumise igama lako.
10Ngokuba wena mkulu; wenza imimangaliso wena wedwa Tixo.
11Ngi fundise indhlela yako, Jehova; ngi hambe eqinisweni lako; Yenza inhliziyo yami i benye ukulesaba igama lako.
12Ngo ku bonga, Nkosi, Tixo, ngenhliziyo yonke; ngi dumise igama lako ku ze ku be pakade.
13Ngokuba umusa wako mkulu kimi; u kululile umpefumlo wami kulo isheoli eli sezansi.
14Tixo, abazidhlayo ba vukile pezu kwami, nokubutana kwabanonya ku funile umpefumlo wami; bona a ba ku bekanga wena pambi kwabo.
15Kepa wena, Nkosi, u nguTixo o nobubele, o nobunene; u puza ukutukutela, u neningi lomusa neqiniso.
16Pendukela kimi, u be nobunene kimi; u nike amandhla ako kuyo inceku yako u sindise indodana yencekukazi yako.
17Yenzela mina isiboniso esilungileyo, ukuze aba ngi zondayo ba si bone, ba jabe; ngokuba wena, Jehova, u ngi sizile.