IZIHLABELELO 82
Isihlabelelo sika Asafa.
1UTIXO u yema enhlanganisweni ka Tixo, u yahlulela pakati kotixo.
2Ko ze ku be nini, nahlulela ngokubi, namkele ubuso bababi na?
3Yahlulani umdingi nenkedama; ni lungisele o sosizini nompofu.
4Kululani umdindi nohlutyiweyo, ni ba sindise esandhleni sababi.
5A bazi, a ba qiki; ba hamba ebumnyameni; izisekelo zonke zomhlaba zi ya zamazama.
6Ngi te, Ni ngotixo nina, ni ngabantwana bOpakamileyo nina nonke.
7Kanti ni ya kufa njengabantu, ni we njengomunye wezikulu.
8Vuka Tixo wahlule izwe, ngokuba wena u ya zuza ifa lezizwe zonke.
Bible Society of South Africa 1893