Isiqondiso sika Asafa.
1LALELANI kuwo umteto wami bantu bami; ni nike indhlebe kuwo amazwi omlomo wami.
2Ngo kamisa umlomo wami ngesiga; ngi shumayele uku ni qandelisa kwamandulo.
3E si ku zwileyo, e si kwaziyo, aba si tyela kona obaba.
4A si yi kukufihla kubantwana babo, si shumayele kuso isizukulwane esilandelayo izibongo zika Jehova, namandhla ake, nemimangaliso yake a yenzileyo.
5Yena wa misa ubufakazi eJakobe, wa beka umteto eIsraeli, o wa yalezela obaba betu, wona ukuze ba kwazise kubantwana babo.
6Ukuba isizukulwane esi landelayo si kwazi, si ti abantwana a ba ya kuzalwa; ba suke ba shumayeze abantwana babo kona!
7Ba beke itemba labo kuTixo, ba nga kohlwa izenzo zika Tixo, ba gcine izimemezelo zake;
8Ba nga bi njengoyise babo isizukulwane esipambekayo, esihlubukayo, isizukulwane e si nga qondisanga inhliziyo yaso, futi umoya waso a u kolisanga kuTixo.
9Abantwana baka Efraimi be gobisa be cibityela umcibityelo, ba fulatela ngosuku lokulwa.
10A ba gcinanga uvumelwano luka Tixo, ba nqaba ukuhamba emtetweni wake.
11Ba ti ba kohlwa izenzo zake nemimangaliso yake a be ba bonisile yona.
12Wa yenza imimangaliso ezweni la sEgipite, emhlabatini wa seZoani.
13Wa lwahlukanisa ulwandhle, wa ba welisa; wa misa amanzi njengesiqongo.
14Wa ba hola emini ngefu, na sebusuku bonke ngokukanya komlilo.
15Wa dabula idwala ehlane, wa ba puzisa njengasekujuleni kwamanzi amaningi.
16Wa pumisa imitombo ehambayo eweni, wehlisa amanzi njengomfula.
17Ba pinda futi ukona kuye, ngokuhlubuka kOpakamileyo ehlane.
18Ba m linga uTixo ngenhliziyo yabo, ngokucela ukudhla kwenkanuko yabo.
19Ba kuluma ngokupambana noTixo; ba ti, uTixo a nga lungisa itebula ehlane na?
20Bheka wa tyaya idwala, amanzi a puma, nemifula ya mpompoza; a nga nika ukudhla nako na? a nga lungisela abantu bake inyama na?
21Ngako uJehova wezwa, wa tukutela; kwa ti umlilo wa vuta eJakobe, nolaka lwa vuka eIsraeli.
22Ngokuba a ba kolwanga uTixo, be nga tembi na sekusindiseni kwake.
23Ngokuba wa be e yalezile amafu ngapezulu e vulile iminyango yezulu.
24Wa misa pezu kwabo imana lokudhliwa; wa ba nika ukudhla kwezulu.
25Umuntu wa dhla ukudhla kwezikulu; wa ba tumela ukudhla ukuze ba sute.
26Wa pumisa umoya wa sempumalanga ezulwini; wa ngenisa nomoya waseningizimu ngamandhla ake.
27Wa misa pezu kwabo inyama njengotuli; nezinyoni ezi namapiko njengesihlabati solwandhle.
28Wa zehlisela ngapakati kwekamu labo, ekuzungezeni kwenhlalo yake.
29Njalo ba dhla besuta kakulu; ngokuba wa ba zisela a ba ku kanukayo.
30A ba dedanga ezinkanukweni zabo; kepa ukudhla ku se semlonyeni wabo,
31Ulaka luka Tixo lwa ba fikela, wa bubisa iziqwaga zabo, wa wisa pansi izinsizwa za seIsraeli.
32Ku loku konke bona futi, be nga kolwa emisebenzini e mangalisayo yake.
33Ngako ba qedela izinsuku zabo ezeni, neminyaka yabo ngokwetuka.
34Nxa e ba bulala, ba buya ba m funa, ba pendukela kuTixo.
35Ba kumbula ukuba uTixo u yidwala labo; uTixo opakamileyo u ngumkululi wabo.
36Noko ba m kohlisa ngezindebe zabo; ba qamba amanga kuye ngolimi lwabo.
37Ngokuba inhliziyo yabo a i manga kahle kuye; futi a ba qinanga esivumelwaneni sake.
38Kepa yena e haukela wa yekela ukona kwabo, a ba buyisanga; wa vama ukubuyisa ulaka lwake, wa e nga vuseli intukutelo evutayo yonke yake.
39Ngokuba wa e kumbula ukuba ba inyama; umoya odhlulayo, u nga buyi.
40Kaningi kangaka ba m hlubuka ehlane, ba m tukutelisa obala.
41Ba buya ba m linga uTixo, ba m fundekela Oyingcwele ka Israeli.
42A ba kumbulanga isandhla sake, ngomhla o wa ba kulula ngawo eziteni.
43O wa beka ngawo iziboniso zake Egipite, nemimangaliso yake emhlabatini wa seZoani.
44Wa pendula imifula yabo ya ba igazi; namanzi a hambayo abo ukuze ba nga puzi.
45Wa tumela pakati kwabo izibawu e za ba dhla; nezindhlandhla e za ba bubisayo.
46Wa nikela izitelo zabo esikonyaneni, nenzuzo yabo ezinkumbini.
47Wa cita izinwazi zabo ngesicoto, namakiwane abo ngeqwa.
48Wa nikela isicoto izilwane zabo, nezimvu zabo ezinyazini.
49Wa tuma pakati kwabo ukuvuta kolaka lwake, nentukutelo, nokujama, nencingo, ngokutuma izitunywa zobubi.
50Wa lungisela ulaka lwake indhlela; a ka gohlelanga umpefumlo wabo ekufeni; kanti wa nikela ukupila kwabo ekufeni.
51Wa tyaya amazibulo onke a sEgipite; ukuqala kwamandhla abo ematenteni aka Hamu.
52Kepa wa pumisa abantu bake njengezimvu; wa ba kapa ehlane njengomhlambi.
53Wa ba hola ngokutembeka njengokuba a betukanga, kanti ulwandhle lwa sibekela izita zabo.
54Wa ba zisa emkaulweni wendawo yake e ingcwele, entabeni le, e si be si yi zuzile isandhla sokunene sake.
55Wa xotya izizwe ebusweni babo; wa babela ifa ngentambo yokulinganisa; wa hlalisa imindeni ka Israeli ematenteni azo.
56Kepa ba m linga, ba m cunula uTixo opakamileyo, ba be be nga gcini iziyalelo zake.
57Ba buya, ba shinga njengoyise babo; ba penduka njengomcibityelo okohlisayo.
58Ba m tukutelisa ngezindawo zabo zokuhlaba ezipakamileyo; ba m cunula ngezitombe zabo ezibaziweyo.
59uTixo wezwa loku wa tukutela, wa nengwa uIsraeli kakulu.
60Lapo wa shiya idokodo ya seShilo, itente a be li misile kubantu.
61Wa nikela amandhla ake ekutunjweni, nenkazimulo yake esandhleni sezita.
62Futi wa nikezela abantu bake enkembeni, wa e tukutele ngefa lake.
63Umlilo wa dhla amakehla abo; a zi sinelwanga izintombi zawo.
64Abakonzi babo ba wiswa ngenkemba; a ba lilanga abafelokazi babo.
65Lapo iNkosi ya vuka njengoleleyo; njengeqawe eli banga umsindo ngenxa yewaini.
66Ya ti ya tyaya izita zake zi muke; ya zi nikela ehlazweni elinjalo.
67Futi ya dela itenti lika Josefa, nomdeni ka Efraimi a i wu ketanga.
68Kodwa ya keta umdeni ka Juda, intaba iZioni e ya yi tandayo.
69Yaka oku yingcwele kwayo njengendawo epakamileyo, njengomhlaba e wu miseleyo ku ze ku be pakade.
70Ya m keta uDavida inceku yayo, ya m tabata esibayeni sezimvu.
71E sa landa izimvu ezanyisayo; ya m leta a funze abantu bayo eJakobe nefa layo eIsraeli.
72Njalo wa balusa njengobuqoto benhliziyo yake; wa ba hola ngokuqondisa kwezandhla zake.