Isihlabelelo sika Davida, a si hlabelela kuJehova ngamazwi a ka Kushi umBenjamini.
1JEHOVA, Tixo wami, ngi yetemba kuwe; ngi sindise kubo bonke a ba ngi zingelayo, u ngi kulule.
2Funa a dabule umpefumlo wami njengebubesi, a wu fihlize ku ngeko okululayo.
3Jehova, Tixo wami, uma ngi kwenzile loku; uma ku kona okubi ezandhleni zami;
4Uma ngi m enze okubi umhlobo wami; noma ngi m pangile o ngi hlupayo ngeze.
5Isita ma si lande umpefumlo wami, si wu bambe; si bu nyatele pansi emhlabatini ubomi bami, si beke ubukosi bami otulini. Sela.
6Ma u me, Jehova, ngolaka lwako, u zipakamise ekutukuteleni kwezita zami; u vukele mina ekwahluleleni o ku yalezeleyo wena.
7Njalo umhlangano wabantu u ya ku ku zungeza; ngenxa yawo ma u buyele pezulu wena.
8uJehova u ya kwahlula abantu; ngahlule, Jehova, ngokokulunga kwami, na ngobuqoto obu kimina.
9Ma ka pele ukonakalisa kwababi; kanti ma u qinise olungileyo; ngokuba wena u linga izinhliziyo nezinso, Tixo olungileyo.
10Isihlangu sami si kuTixo, o sindisa abalungileyo enhliziyweni.
11uTixo u ya m ahlula olungileyo; futi uTixo u tukutelela omubi imihla yonke.
12Uma e nga penduki, wo lola inkemba yake; u gobisile umcibityelo wake, u wu bhekisile.
13U zilungisele nezikali zokufa; u yenzile imisebe yake ya tyisa kubalandeli.
14Bheka u ya katazeka ngokubi, u kulelwe umunyu, u zele amanga.
15U wu mbile umgodi, u wu pandile, kepa u ya wela egebeni a lenzayo.
16Umunyu wake wo buyela ekanda kuye, nokonakalisa kwake ku ya kwehlela inhloko yake.
17Ngo m vumela uJehova njengokulunga kwake; ngi hlabelele igama lika Jehova o pezu konke.