IZIHLABELELO 61
Kumholi wokuhlabelela pezu kogubu nguDavida.
1YIZWA, Tixo, ukukala kwami, u lalele kuko ukukuleka kwami.
2Ngo kala kuwe ngi sekupeleni komhlaba, uma inhliziyo i nesiyezi; ma u ngi holele edwaleni elipakeme kunami.
3Ngokuba u yisipepelo sami, inqaba enamandhla ebusweni bezita.
4Ngo hlala etenteni lako ku ze ku be pakade; ngo temba ekugubuzeleni kwamapiko ako. Sela.
5Ngokuba wena, Tixo, u zwile izifungo zami; u ngi nikile inzuzo yabo aba lesabayo igama lako.
6Wo kweleka izinsuku kuzo izinsuku zenkosi; neminyaka yayo njengezizukulwane nezizukulwane.
7Yo hlala pambi kuka Tixo ku ze ku be pakade; yenzela umusa neqiniso, ko yi gcina.
8Njalo ngo hlabelela igama lako ku ze ku be pakade; ngi hlaule izifungo zami ngemihla.
Bible Society of South Africa 1893