Isihlabelelo kuye uAsafa.
1UTIXO o namandhla, uJehova, u kulumile; u bizile izwe ku suke ekupumeni kwelanga ku ze ku be sekutyoneni kwalo.
2eZioni, ukupelela kobuhle, uTixo u kanyile.
3uTixo wetu u ya kuza, a ka yi kutula; umlilo wo dhla pambi kwake, ku ya ku vuza kakulu nga kuye.
4U ya kubiza kulo izulu ngapezulu, na kuwo umhlaba ukuze ahlule abantu bake.
5Butelani kimi abahlonipayo bami; abanquma uvumelwano lwami ngoku ngi hlabisa.
6Ko ti izulu li tyele ukulunga kwake; ngokuba uTixo u ngumahluli. Sela.
7Yizwani bantu bami, ngi ya kukuluma; Israeli; ngo qinisa ngawe; ngi uTixo, uTixo wako.
8A ngi yi kukutetisa ngeminikelo yako, na ngetyisiweyo yako pambi kwami ngezikati zonke.
9A ngi yi kutabata inkuzi endhlini yako, nezimpongo ezibayeni zako.
10Ngokuba zonke izilwane zehlati ezami; nezinkomo e zi sezintabeni ezi inkulungwane.
11Ngi ya zazi zonke izinyoni zezintaba; nezilo zasenhle zi kimi.
12Uma be ngi lambile a ngi nga tyelanga wena ngokuba umhlaba owami, nokugcwala kwawo.
13Ngi ya kudhla inyama yezinkunzi, ngi puze igazi lezimpongo na?
14Nikela kuTixo ukubonga; u koke kuye Opakamileyo izitembiso zako;
15U ngi bize ngosuku lwenhlupeko; ngi ya kukulula, wena u ya ku ngi dumisa.
16Kepa kuye omubi uTixo u ti; Yini ukuba u shumayele imiteto yami; nokuba u tabate uvumelwano lwami ngomlomo wako na?
17Wena pela u ya zonda ukululeka, u lahle amazwi ami emva kwako
18Uma u bona isela, wa u tokozana nalo, wa u hlanganyela nezipingi.
19U ya tuma umlomo wako ebubini, u ti ulimi lwako lu qambe inkohliso.
20U hlezi u hleba umfo wenu; u ya beka isikubekiso kuyo indodana ka nyoko.
21Loku u kwenzile nga ti nga tula; wa cabanga ukuba ngi njengawe impela; ngo ku kuza ngi lungise loku emehlweni ako.
22Manje qondani loku, nina e ni kohlwa uTixo, funa ngi ni dabule, ku ze ku nga biko osindayo.
23O hlaba ukubonga u ya ngi dumisa; u ti o qapela ngendhlela yake, ngo m bonisa ukusindisa kuka Tixo.