Kumholi wokuhlabelela. Isihlabelelo sika Davida.
1U YA busiswa yena o naka ompofu; uJehova wo m sindisa ngosuku olubi.
2uJehova wo m gcina a m pilise, yena wo busiswa emhlabeni; wena a yi ku m nikela entandweni yezita zake.
3uJehova wo m pasa okukwini lwesifo; wena u ya ku m endhlalela ekuguleni konke kwake.
4Nga ti, Jehova, ngi haukele; lulamisa umpefumlo wami; ngokuba ngi konile.
5Izita zami zi ya kuluma okubi ngami; U ya kufa nini, ku citeke negama lake na?
6Noma e za 'ku ngi bona, wo kuluma amanga; inhliziyo yake yo zibutela ukonakala; e se pumele ngapandhle, wo kuluma.
7Bonke a ba ngi zondayo ba ya nyenyezelana ngami, ba ya ceba ngami ukungona.
8Ba ti, Into embi i namatela kuye; yena o lele pansi a ka yi ku buya a vuke.
9Naye umuntu o umhlobo wami, e nga temba kuye, o wa dhla isinkwa sami, u ngi pakamisele isitende sake.
10Kepa wena, Jehova, ma u ngi haukele, u ngi lulamise, ukuba ngi buyisele ku bona.
11Nga loku ngi ya kwazi ukuba u ya ngi tanda, ngokuba isita sami a s'etabi pezu kwami.
12Kepa mina u ya ngi pasa ebuqotweni bami, u ngi mise ebusweni bako ku ze ku be pakade.
13Ma ka bongwe uJehova, uTixo ka Israeli ku suke kwa pakade ku ze ku be pakade. Ameni, no Ameni.