Kumholi wokuhlabelela, kuJedutuni. Isihlabelelo sika Davida.
1NGA tyo ukuti ngo gcina izindhlela zami, ngi ngoni ngolimi lwami; ngi ya kugcina umlomo wami ngesifonyo, lapa omubi e pambi kwami.
2Nga tula nokutula, nga binda kuko okuhle; wa za wa vuka umunyu wami.
3Inhliziyo yami ya vuta ngapakati kwami, ekufudumaleni kwami umlilo wa tya; nga shumayela ngolimi lwami.
4Jehova, ngazise ukupela kwami, nobude bezinsuku zami ukuba bu ini; ma ngazi ukuba ngo gqabuka nini.
5Bheka u zenzile izinsuku zami zi be nobude besandhla, ukupila kwami ku be njengeze pambi kwako; impela abantu bonke ba ize be se kona. Sela.
6Bheka umuntu u ya hamba njengesitunzi; nembala ba ya katazeka ngeze; u ya nqwabela imfuyo kepa a kazi ukuba ubani o ya ku yi dhla.
7Kalokuke, Nkosi, ngi sa bhekeni na? itemba lami li kuwe.
8Ngi sindise kuzo zonke izipambeko zami; ma u nga ngi beki ngi be isijabiso sesiula
9Nga tula ngi nga kamisi umlomo wami, ngokuba wa kwenza wena.
10Susa isigalelo sako pezu kwami, ngi ya pela ukutyaya kwesandhla sako.
11Uma u lungisa umuntu ngokutetisa ngenxa yobubi, u ncibilikisa intokoziso yake njengenundu; impela bonke abantu ba ize nje. Sela.
12Yizwa umtandazo wami, Jehova, u lalele ukukala kwami; u nga tuli ngezinyembezi zami; ngokuba mina ngi ngumfokazi kuwe, ngi odhlulayo njengobaba bonke.
13Yeka uku ngi buka, ngename; ngi nga ka muki lapa, ngi nga bi ngi sa ba ko.